USbongile Nonyana ukulethela izindaba zakamuva zobugebengu ezenzeka eNingizimu Afrika.
E-Bushbuckridge – Owesilisa (46) uzinikele emaphoyiseni ngemuva kokudubula abulale umfowabo e-Buyisonto Trust ngeSonto. Uye wabaleka ngemuva kokudubula umfowabo kodwa wazinikela emaphoyiseni ngakusasa. Ubhekene necala lokubulala kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Bushbuckridge ngoLwesithathu.
E-Giyani – Amaphoyisa ase-Limpopo abophe owesilisa (41) wase-Mozambique, u-America Chauke, ngokumba izimayini ngokungemthetho kanye nokuphula imithetho yabaphuma emazweni angaphandle. Bathole igolide namathuluzi okumba abiza u-R3-million ngesikhathi bembopha ngoMgqibelo. Uvele eNkantolo yeMantshi yase-Giyani ngoMsombuluko kanti usagqunywe esitokisini. Icala lihlehliselwe kumhlaka-18 kuZibandlela ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
E-Middleburg – I-Flying Squad ibophe owesilisa wase-Somalia, u-Aklilu Eliasi, ngeSonto ngokuphatha isibhamu ngaphandle kwelayisensi. Amaphoyisa athole ivolovolo eligcwele izinhlamvu ezinhlanu kuyena. Uvele kafushane enkantolo ngoMsombuluko kanti usaboshiwe. Uzophinde avele eNkantolo yeMantshi yase-Middleburg ngomhlaka-22 kuLwezi.
E-Vhembe – Amaphoyisa ase-Limpopo axwayisa abazali ukuthi baqaphele ngemuva kokutholakala kwentombazane (15) ibulewe emasimini ase-Khalavha ngase-Siloam ngoLwesibili olwedlule. Amaphoyisa akholelwa ekutheni unukubezwe ngokocansi. Owesilisa (51) okunguye ogcine ukubonakala nentombazane uboshiwe. Uvele eNkantolo yeMantshi yase-Thohoyandou ngoLwesine olwedlule ngecala lokubulala.
E-Bloemfontein – Amaphoyisa athungatha umama (16) ushiye usana lwakhe olusanda kuzalwa esibhedlela ngomhlaka-30 kuMfumfu. Ingane yasala egumbini leziguli lasesibhedlela elingenalutho. Amaphoyisa athi umama uphume esibhedlela ngosuku abeletha ngalo.
Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa.
Umthombo wesithombe: File
