USbongile Nonyana ukulethela izindaba zakamuva zobugebengu ezenzeka eNingizimu Afrika.
E-Kwaggafontein – Umdlwenguli waseMpumalanga ugixabezwe ngodilikajele abane ngokudlwengula abagilwa abaningi. INkantolo yesiFunda yase-Kwaggafontein igwebe uThemba Nkambule (32) waseNkangala ngoLwesibili ngomhlaka-26 kuLwezi. UNkambule ubehlasela abagilwa bakhe ebusuku ebahudulela ehlathini bese eyabadlwengula. Abagilwa bakhe abathathu, ababeneminyaka ephakathi kuka-14 no-17 ngaleso sikhathi badlwengulwa kabili umuntu ngamunye. Amacala enzeka phakathi kuka-2011 no-2019. UNkambule wawavuma wonke amacala. Inkantolo ifake igama lakhe ohlwini lwe-National Register for Sexual Offenders yaphinde yamvimbela ukusebenza ngezingane noma ukuba nesibhamu.
E-Thohoyandou – Amaphoyisa athungatha amadoda amabili abandakanyeka esigamekweni sokugetshengwa kwendlu e-Ha-Budeli, e-Block B, ngoMgqibelo ngomhlaka-23 kuLwezi. Laba balisa abakhuluma isiZulu bagebenge owesifazane (43) osebenza kumasipala wendawo. Bamphuce umakhalekhukhwini, imali, nemoto yohlobo lwe-Toyota Fortuner emhlophe ebine-laptop nemishini kamasipala ngaphakathi.
E-Mankweng – Kuboshwe owesilisa (30) ngokuqola owesifazane imali engu-R592,000. UBaekane Bush Hlongwane, wasesigodini sase-Ga-Molepo, ukhohlise owesifazane ngesivumelwano somgunyathi esihlobene nenkampani yabangcwabi. Waqamba amanga ngokuthi unenkontileka yokuphakela amanzi nokuba nemishini edingekayo kodwa wathi udinga imali. Uvele eNkantolo yeMantshi yase-Mankweng ngoLwesithathu, ngomhlaka-29 kuLwezi.
E-Bloemfontein – Owesilisa owadlwengula intombi kamngani wakhe ugwetshwe iminyaka eyishumi ebhadla ejele. UTshoanelo Thabanelo (20) ulahlwe icala lokudlwengula intombi kamngani wakhe ngoNhlangulana wango-2019. Umgilwa (22) wayeziphuzele nesoka lakhe kanye noThabanelo ekhaya kubo kaThabanelo e-Kagisong. Ngemuva kokuhamba kwesoka lakhe, uThabanelo wamdlwengula amahlandla amaningi.
E-Thohoyandou – Amaphoyisa athungatha amadoda amane agwaze abulala owesilisa mhla ziyisishiyagalolunye kuLwezi eduze kwesitolo sakwaBoxer. Umsolwa uhlaselwe ngesikhathi izigebengu zizama ukuntshontsha impahla yakhe. Ngesikhathi elwa nabo baye bamgwaza baqede babaleka.
Esithombeni esingenhla: Inkantolo.
Umthombo wesithombe: File