USbongile Nonyana ubika kafushane izindaba zakamuva zobugebengu eNingizimu Afrika.
EMganduzwane – UBongani Thulani Matsane (33) uthole udilikajele kanye neminyaka emihlanu ngokubulala uThembi Ngwenya, unina oneminyaka engu-64 ubudala. Wayekholelwa ukuthi umqalekisile. Washaya unina, wamdonsela embhedeni wamshisa ngomlilo. Lokhu kwenzeka ngoZibandlela ka-2022.
E-Amouti – Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athole ingxenye yesidumbu somuntu eduze komgwaqo ngoLwesibili ekuseni. Bekuwumzimba wangaphezulu nezingalo kugoqwe ngezingubo zokulala. Umzimba ubusuqala ukubola. Amaphoyisa awakaqinisekisi ukuthi kukhona yini kuhlobena nekhanda nemilenze okutholwe kudoti ngoLwesihlanu ngomhlaka-4 kuMfumfu.
EMarikana – Iphoyisa elineminyaka engu-47 ubudala liboshwe ngecala lokuzama ukubulala indoda eneminyaka engu-22 ubudala, belicabanga ukuthi ijola nentombi yalo endaweni yokucima ukoma ngomhlaka-30 kuMandulo.
E-Christiana – Amaphoyisa aseNorth West abophe indoda eneminyaka engu-40 ubudala ngokubulala isoka elisha lentombi ayayithandana nayo. Ufice le ndoda emzini wentombi wayidubula ekhanda. Kamuva amaphoyisa athole isidumbu esinqunyiwe emfuleni. Lokhu kwenzeke ngomhlaka-28 kuMandulo.
EMangaung – Amaphoyisa adinga usizo lokuthola uTwane Enoch Lata, (73). Wagcina ukubonakala ngomhlaka-13 kuMbasa egqoke isikibha esimnyama, ijini eluhlaza okwesibhakabhaka, ijakhethi ebomvu, nezicathulo ezimnyama. UTwane unsudu ngokwebala, mncane ngomzimba, unethambo elide, unezinwele ezimpunga nentshebe.
Esithombeni esingenhla: Indawo yesigameko.
Umthombo: Ifayela