Ezobugebengu ezifingqiwe: Owesilisa ugwetshwe udilikajele ngokudlwengula izingane

USbongile Nonyana ukulethela ezakamuva ezinohlonze zobugebengu ezenzeka eNingizimu Afrika.

KwaMhlanga – INkantolo yesiFunda yaKwaMhlanga igwebe owesilisa (49) odilikajele ababili kanye neminyaka eyishumi ngaphezulu ngokudlwengula amantombazane amathathu. Uphinde wadlwengula nomshana wakhe (13) ngoNhlangulana wango-2021. Uwavumile amacala okudlwengula, awenza e-Tweefontein phakathi kuka-2017 no-2021. Uhlasele amantombazane aneminyaka eyishumi nengu-16 emgwaqeni, wawahudulela ehlathini. Washaya umgilwa oyedwa ngesibhamu wadlwengula omunye amahlandla amaningi. Igama lakhe manje lisohlwini lwabahlukumeza ngokocansi.

E-Beitbridge – Uboshiwe umshayeli wetekisi waseNingizimu Afrika obezama ukushushumbisa abantu abangu-25 besuka e-Zimbabwe emngceleni wase-Beitbridge. Abangu-20 kubo bekuyizingane ezineminyaka emihlanu kuya kwengu-14, ebezithuthwa ezimeni eziyingozi. Amaphoyisa athathe itekisi abopha umshayeli kanti uzovela enkantolo maduze.

E-Tonga – Isikhulu ehhovisi labaphuma emazweni angaphandle uBongi Gladys Shongwe (49) kanye no-Ibrahim Siriri (34) wase-Tanzania baboshelwe ukukhwabanisa e-Tonga. Kuthiwa uSiriri wakhokhela uShongwe u-R1 000 ukuze agxivize iphasiphothi yakhe. UShongwe uthole ibheyili ka-R5 000 kodwa uSiriri usagqunywe ejele.

E-Kimberley – Inkantolo yase-Kimberley igwebe owesilisa (30) udilikajele ngemuva kokulahlwa icala lokudlwengula umama wezingane zakhe amahlandla amane ngoNhlangulana wango-2022. Waphoqa umama wezingane zakhe ukuba aye naye emzini nakuba wayinencwadi yamaphoyisa engamvumeli ukusondela kuye. Wamshaya waze wopha, wamklinya, wamdlwengula amahlandla amane.

E-Bloemfontein – Owesifazane (21) uzivumele yena ukuthi wasiza ukubulala umshana wakhe. Yena nesoka lakhe bathatha ingane besuka e-Reddersburg baya e-Goedemoed, endleleni bashaya ingane yaze yaquleka. Basonga isidumbu sengane ngekhethini basishiya epulazini. Izithandani, ebesezivele zithweswe amacala okweba izimpahla, manje zibhekene namacala okubulala.

Esithombeni esingenhla: Inkantolo.

Umthombo wesithombe: File

Izihloko zakamuva