USbongile Nonyana ubika kafushane izindaba zakamuva zobugebengu eNingizimu Afrika.
EThohoyandou – Owesilisa oneminyaka engu-41 ubudala ugwetshwe odilikajele ababili ngokudlwengula ephindelela indodakazi yakhe eneminyaka engu-14 ubudala. Umsolwa, igama lakhe eligodliwe ukuvikela indodakazi yakhe, uke waboshelwa ukubulala unina wentombazane. Wathatha indodakazi yakhe emzini kagogo wayo wayidlwengula izikhathi eziningi phakathi kukaNcwaba noZibandlela ka-2021.
E-Kwaggafontein – Amaphoyisa abophe umnikazi wesitolo ngecala lokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-24 ubudala. Umgilwa ubebuya kudokotela ngesikhathi umsolwa emdonsela esitolo sakhe wamudlwengula. Ubengaphandle ngebheyili ngamacala okudlwengula adlule. Uvele eNkantolo yeMantshi yaseMkhokhola ngomhlaka-20 kuMandulo.
E-Malipsdrift – Amaphoyisa aseLimpopo abophe uSalita Dessalegn Takale, (32) ngokuzama ukugwazela amaphoyisa ukuze agweme ukuboshwa. Ubephethe nencwadi yokukhoseliswa ephelelwe yisikhathi kanye nogwayi ongekho emthethweni. Uvele eNkantolo yeMantshi yaseThabamoopo ngomhlaka-26 kuMandulo wadedelwa ngebheyili ka-R1 000.
E-Bloemfontein – Amaphoyisa aseFree State athungatha amadoda amathathu adlwengule isalukazi esineminyaka engu-65 ubudala ngemuva kokugqekeza emzini waso oseBergman Square efuna imali. Agwaze umzukulu waso isalukazi oneminyaka engu-15 obezama ukusivikela.
EMankweng – Amaphoyisa aseLimpopo abophe uLatta Lekganyane, (28), uTshepo Modau, (27), noMpho Molefe ngokugwaza indoda eneminyaka engu-47 ubudala eduze komgwaqo u-R71. Bavele eNkantolo yeMantshi yaseMankweng ngomhlaka-25 kuMandulo bebhekene necala lokubulala. Isigameko sokugwaza senzeka ezinsukwini ezintathu ngaphambi kokuthi baboshwee.
Esithombeni esingenhla: Ijele.
Umthombo: Stock