USbongile Nonyana ubika kafushane ngezinohlonze zakamuva zobugebengu obenzeka ezweni lonkana
EPolokwane – UMakinya Nicodemus Phalama (33), utholwe enamacala amabili enkohlakalo eNkantolo Yamacala Akhethekile Ezohwebo yasePolokwane ngomhlaka-2 kuMandulo. Ubanjwe namabhethri e-cellphone tower ebiwe eMankweng. Amaphoyisa aphinde ashaqa neFord Ranger abeyisebenzisa ukwenza amacala. Ugwetshwe iminyaka eyisithupha ejele ngecala ngalinye. Lokhu kwebiwa kwenzeke ngonyaka ka-2019.
E-Uitspanning – lnkabi enemingaka engu-30 ubudala izinikele emaphoyiseni ngemuva kokubulala usomabhizinisi oneminyaka engu-49 ubudala e-Uitspanning, eLimpopo. Usomabhizinisi wadutshulwa wabulawa eshayela emgwaqeni u-Elandsdoorn phakathi kwaseDennilton naseLokskop Dam ngomhlaka-5 kuNhlangulana. Umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseGrobersdal ngoLwesine.
ETonga – Amaphoyisa aseTonga athungatha owesilisa odlwengule izingane zesikole ezimbili, ezineminyaka engu-16 no-17 ubudala. Umsolwa, ehlome ngesibhamu, uphoqe amantombazane ukuba angene ehlathini wawahlasela ngoMsombuluko ngomhlaka-2 kuMandulo.
EHendrina – Amaphoyisa aseMpumalanga athungatha owesilisa owadlwengula wabulala intombazane eneminyaka engu-11 ubudala. Umsolwa ungaphandle ngebheyili ngecala lokubulala kusukela ngoNhlolanja. Isidumbu sentombazane sitholwe sinamanxeba amabi eduze komjondolo womsolwa.
E-Bellville – Uthisha oneminyaka engu-26 ubudala wasesikoleni samabanga aphezulu uboshiwe wathweswa amacala amane okudlwengula. Usolwa nangokuphoqa ingane ukuthi ibone isenzo socansi. Uthisha uboshwe ngomhlaka-26 kuNcwaba wavela enkantolo ngomhlaka-28 kuNcwaba. Uzobuyela eNkantolo yeMantshi yaseBellville ngoLwesithathu.
Esithombeni esingenhla: I-court gavel
Umthombo: Ifayela