USbongile Nonyana ubika izindaba zakamuva zobugebengu eNingizimu Afrika.
EHa-Ravele – Kutholakale isidumbu sentombazanyana eneminyaka engu-12 ubudala esigodini saseLimpopo ngemuva kokunyamalala idayisa imifino ngeSonto, yangafika ekhaya. Lapho ungayitholi umndeni wayo, ubike emaphoyiseni ukuthi ilahlekile. Amaphoyisa ngokuhamba kwesikhathi athola isidumbu sayo ehlathini eduze kwepulazi. ibinqunu futhi okungenzeka ukuthi yaklinywa. Le ntombazanyana ibonakale ihamba nowesilisa ngaphambi kokuba inyamalale. Amaphoyisa athungatha isigebengu noma izigilamkhuba futhi acabanga ukuthi kungenzeka mhlawumbe baqale bayidlwengula.
ESecunda – OKlebe babophe isikhulu esingumgunyathi soMnyango wezaseKhaya, uLindiwe Kubheka (45) namadoda amabili ase-Ethiopia, u-Abdo Mastefu Musa (44) noMike Alex Abet (38) ngamacala okukhwabanisa. Babanjwe oqotsheni begxiviza amapasi aphelelwe yisikhathi batholakala nezincwadi zoMnyango wezaseKhaya nowezokuThutha. Abasolwa baboshwe ngomhlaka-16 kuMandulo bavele eNkantolo yeMantshi yase-Eerstehoek e-Elukwatini ngoLwesibili. Badedelwe ngebheyili ka-R3 000 umuntu ngamunye kanti bazovela enkantolo ngomhlaka-5 ngoLwezi.
EGroblersdal – Amaphoyisa aseLimpopo athungatha uTobias Mayo (51) noFanie Sergio Makwakwa (31) abafunelwa icala lokubulala umlimi ngoNcwaba ka-2017. Abasolwa babhekene necala lokubulala, ukubamba inkunzi besebenzisa isihluku, ukugqekeza kanye nokutholakala nesibhamu. isibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni.
ELehurutshe – UCollen Rorisang Mogotsi (32) ugwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele yiNkantolo yesiFunda saseLehurutshe ngecala lokubulala usana olunezinyanga ezinhlanu ubudala. Lesi sigameko esibuhlungu senzeke ngemuva kokuba umama wengane etshele uMogotsi ukuthi akuyena uyise wengane. Washaya usana walilimaza kabi. Ukuhlasela kwenzeka ngoLwezi ka-2017.
EMangaung – Amaphoyisa aseMangaung acela usizo lomphakathi ekutholeni uSanto Mojatau (50) onyamalale kusukela ngoMfumfu nyakenye. Wagcina ukubonakala ephelezela intombazane emzini wayo osePhase 4, eBloemspruit. Imininingwane ngento abeyigqokile ngesikhathi ephuma kubo eHostela 1 eBochabela ayikacaci.
Esithombeni esingenhla: UMnyango wezasekhaya.
Umthombo: Menlyn Park