Ezobugebengu ezifingqiwe: Amaphoyisa abophe owesilisa ngokubulala intombi nendodana yakhe

USbongile Nonyana ukubikela kafushane izindaba zakamuva zobugebengu eNingizimu Afrika.

EBloemfontein – Kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-38 ubudala ngokubulala intombi yakhe eneminyaka engu-35 ubudala kanye nendodana yayo encane ngesikhathi bexabana emzini wakubo kantombi ngeSonto ngomhlaka-8 kuMandulo. Ngesikhathi unina wentombi eyocela usizo komakhelwane, kuthiwa umsolwa ubabulele maqede wabaleka. Amaphoyisa ngokuhamba kwesikhathi amubambe eBotshabelo. Uzovela eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein kuleli sonto.

ETzaneen – Ngomhlaka-29 kuNcwaba, iNkantolo yeMantshi yaseLenyenye igwebe owesilisa oneminyaka engu-34 ubudala iminyaka engu-25 ejele ngecala lokudlwengula. Wakhohlisa umfana oneminyaka engu-10 ubudala ukuba aye endlini yangasese engaphandle wamdlwengula. Waphinda wamudlwengula lo mfana ngakusasa. Umfana utshele ugogo wakhe obikele amaphoyisa.

ETafelkop – INkantolo eNkulu yaseLimpopo inikeze uKgomotso Pitsi Mmaphaka (38, noLethope Donald Tshehla (33), odilikajele ngokubulala nokubamba inkunzi umnikazi wespaza. Baphinde bathola isikhathi esengeziwe ejele ngenxa yamanye amacala. Ngomhlaka-13 ngoMbasa ka-2022, badubula umnikazi bamphuca imoto, ucingo kanye nemali.

EPhuthaditjhaba – Amaphoyisa adinga usizo lokuthola umndeni wendoda eshonile, etholakala emfuleni iNamahadi ngomhlaka-28 kuNcwaba. Isidumbu sale ndoda engaziwa, elinganiselwa eminyakeni engu-30 ubudala bese sibolile. Izandla nemilenze yakhe bekuboshwe ngopulasitiki.

EPolokwane – Amaphoyisa aseCapricorn District athungatha abasolwa ecaleni lokubulala. Ngomhlaka-31 kuNcwaba, bathola isidumbu sowesilisa owayelimele kabi phakathi komgwaqo uBok no-Excelsior. Imbangela yalokhu kubulala ayikaziwa.

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa.

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva