Ezobugebengu ezifingqiwe: Amaphoyisa abambe amalungu ezigelekeqe eziqola abantu

USbongile Nonyana ubika kafushane ezakamuva ezinohlonze zobugebengu obenzeka ezweni lonkana.

Kwaggafontein – Amaphoyisa aseMpumalanga adubule abulala umsolwa oyedwa alimaza abanye ababili okusolakala ukuthi bayingxenye yeqembu lezigelekeqe. Kumanje bathungatha umsolwa wesine. Isigameko sokudubulana senzeke ngezithuba zabo-04:00 ngoMsombuluko ngesikhathi abasolwa bedubula bebhekise emaphoyiseni. Abasolwa abalimele basesibhedlela bagadwe amaphoyisa. Alikho iphoyisa elilimale ngesikhathi sesigameko.

EThabamoopo – Owesilisa oneminyaka engu-29 ubudala waseLimpopo ugwetshwe udilikajele ngecala lokudlwengula intombazanyana eneminyaka emibili. Lo mlisa ongumngani womndeni wabanjwa ngumama wentombazane ngemuva kokuthi udadewabo ebone okwenzekile wamtshela. Indoda yabaleka kodwa yabuye yaboshwa. Lesi sigameko senzeka ngoMandulo ka-2020.

E-Kimberley – UKevin Steenkamp (33), ugwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngecala lokugebenga isalukazi esineminyaka engu-62 ngoLwezi ka-2023. Lo wesifazane wahlaselwa esendleleni eya esontweni. Wasatshiswa ngommese waphucwa isikhwama sakhe kanye nobucwebe.

ESekhukhune – Amaphoyisa aphenya ngokushona kowesilisa (34), otholwe enamanxeba amabi ekhanda eduze kwendawo yangasese ngoMgqibelo ngezithuba zabo-03:00. Abekho abasolwa ababoshiwe okwamanje.

EHennenman – Amaphoyisa aseHennenman eFree State abophe abasolwa ababili ngecala lokweba nokuthumba. Abasolwa basabise owesilisa ngesibhamu base bethumba umkakhe, maqede bamshiya emathuneni. Abasolwa kulindeleke bavele eNkantolo yeMantshi yaseRosendal khona maduze nje.

Esithombeni esingenhla: Amalambu amaphoyisa.

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva