Ezisematheni KwaZulu-Natal

USihle Mavuso ukulethela ezinohlonze KwaZulu-Natal.

Umholi we-ANC eKZN ulaxaze iqembu

EThekwini– Lowo owayenguSihlalo we-ANC esifundeni Inkosi Bhambatha eMzinyathi enyakatho neKwaZulu-Natal, uDkt James Mthethwa useyilaxazile inhlangano ebusayo. Ujoyine i-Abantu Batho Congress eholwa nguPhilani PG Mavundla ongumngane kalowo owayenguMengameli uJacob Zuma. UMthethwa namhlanje umenyezelwe njengePhini likaSihlalo weqembu kuzwelonke. Ngo-2015 eseyiMeya ye-ANC eMzinyathi, uMthethwa wagxekwa ngemuva kokutshela imibuthano yomphakathi ukuthi abathandana nobulili obubodwa bayimbangela yokwanda kwegciwane le-HIV eGreytown naseDundee eKZN. I-ANC yabe isimyisa kuMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe eKapa.

ENewcastle – Ukhetho lokuchibiyela ezindaweni ezimbili ePhongolo naseNewcastle luhlelelwe ukuba ngoLwesithathu. Lolu khetho luzonika iqembu loMkhonto Wesizwe (MK) elisekwa nguMnuz Jacob Zuma elinye ithuba lokuzibonakalisa ngemuva kokuphuma isithathu okhethweni lokuchibiyela kuWadi-8 eVryheid (Abaqulusi) ngeledlule. I-IFP ithole amavoti angu-505 emavotini angu-1085, i-ANC yathola amavoti angu-206. Isebenze kangcono kune-EFF osekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi ibambe iqhaza kwezepolitiki.

EMgungundlovu- INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu namuhla ilalele icala elivulwe nguMntwana uMbonisi Zulu nabanye abafuna ukuvimba ngokomthetho iSilo Samabandla uMisuzulu Ka Zwelithini ukuthi sithole izimali zeNgonyama Trust kanjalo nokuchitha ukuqokwa kukaMfundisi uThulasizwe Buthelezi njengoNdunankulu wendabuko wesizwe samaZulu.

UMntwana uMbonisi nabambisene nabo bathi kunombango wesihlalo sobukhosi ngakho akumele iSilo siqoke kuze kube udaba luyalungiswa enkantolo.

EVryheid – IMeya kaMasipala waseBaqulusi (Vryheid) enyakatho neKwaZulu-Natal uSifiso Mthethwa uthi imizamo yabo yokuqoqa imali iphazamisekile ngenxa yezakhamuzi ezisaqhubeka nokubaxhuma ugesi ngokungemthetho. Lokhu kuholele ekutheni baqale umkhankaso wokunqamula izintambo ukuqinisekisa ukuthi labo abasuke bexhume ngokungemthetho abayitholi indlela yokuxhuma futhi kwi-grid.

ELa Mercy – IDube Trade Port eLa Mercy ithi umthamo wezimpahla ukhuphuke kakhulu ezinyangeni eziyisithupha ezedlule njengoba umthelela wesiminyaminya kanye nomthamo ohamba kancane emachwebeni amakhulu aseNingizimu Afrika wenza kube noxhaxha lwempahla. Ukuhanjiswa kwezimpahla ngendiza eThekwini, okubhekelelwa iDube Cargo Terminal esikhumulweni sezindiza i-King Shaka International, kukhule kakhulu onyakeni wezimali ka-2022/2023 kanye no-2023/2024.

Kodwa-ke, isidingo sokuthuthwa ngendiza senyuke kakhulu ezinyangeni ezine ezedlule okuholela ekutheni ngonyaka ka-2024 impahla ikhuphuka ngo-57% kusukela ngoMandulo kuya kuZibandlela ngo-2023, futhi izinselelo emachwebeni ziqhubekile kanti lokho kwakhe isidingo esikhulu sokuthuthwa kwempahla ngendiza ngoMasingana ngonyaka ka-2024.

Osesithombeni esingenhla: UDkt James Mthethwa.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva