Ezisematheni KwaZulu-Natal: Umphakathi uzitike ngeyezindlovu ezifile

USihle Mavuso ukulethela ezisematheni KwaZulu-Natal

EManguzi – I-Ezemvelo KwaZulu-Natal Wildlife ibulale izindlovu ezimbili ebezidukile zisuka eMpumalanga zadlula e-Mozambique zaze zafika eManguzi enyakatho ne-KwaZulu-Natal. Lesi sigameko sokubulawa kwezindlovu sisuse umsindo ngesikhathi umphakathi waseManguzi uzitika ngeziNdlovu ezifile.

EThekwini– i-South African National Civics Organisation, edla khezo lunye ne-ANC isiseduze ukuthi iqede ngesiphetho salowo owayenguMengameli uJacob Zuma, ophumele obala weseka iqembu loMkhonto Wesizwe futhi oseke waqokwa njengoSihlalo wenhlangano yomphakathi ngoMasingana nyakenye. Imithombo yale nhlangano ithi inhlangano yomphakathi izomemezela isinyathelo sayo ngoZuma ezinsukwini ezizayo.

EMelmoth –isicelo esenziwe i-Jindal okuyinkampani enkulu yezimayini zase-India yokufuna ukumba insimbi enyakatho yedolobha laKwaZulu-Natal, e-Melmoth sihlangabezane nengqinamba yesibili. Lokho kungemuva kokuba iziphathimandla zithole ukuthi uhlelo lwayo lokuvikela imvelo aluhlelekile. NgoNtulikazi nyakenye umphakathi wakule ndawo wabhikisha, uthi imayini ifuna ukugxambukela emathuneni okhokho bawo ngaphandle kohlelo lokuwasusa ngendlela efanele.

EThekwini– Ingqungquthela yeKhabhinethi kahulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natal isiqalile eThekwini kanti iholwa uNdunankulu uNomusa Dube Ncube. Ezinye zezihloko okuzodingidwa ngazo kubalwa iNkulumo yesifundazwe ezayo, isimo somnotho, ezezimali, ukuthuthukiswa kwengqalasizinda, ukuqashwa kwentsha, izinhlelo zokuqeda ububha kanye nokunye.

EJozini – i-ActionSA KwaZulu-Natal ibhalele uNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu imcela ukuthi enze uphenyo mayelana nezinsolo zokukhwabanisa imali elinganiselwa ku-R-1.46-million. Imali ikhokhwe kusetshenziswa igama lenkampani ethile, kodwa imininingwane yasebhange ayihambisani naleyo enikezwe umasipala. USihlalo we-ActionSA esifundazweni uZwakele Mncwango uthe le akhawunti yasebhange ngokungangabazeki isike yafakelwa imali amahlandla amahlanu kanti ufuna uNgqongqoshe uBongi Sithole-Moloi enze uphenyo olunzulu ngalolu daba.

Esithombeni esingenhla: Izindlovu (hhayi lezi ezidliwa abantu baseManguzi).

Umthombo wesithombe: Stock

Izihloko zakamuva