Ezisematheni eKZN

USihle Mavuso usilethela izindaba ezisematheni KwaZulu-Natal.

Ethekwini-Owayeyilungu lePhalamende le-ANC noSihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal, uDkt Makhosi Khoza uthi uzomemezela ezinsukwini ezizayo igama leqembu elisha lezepolitiki azolijoyina ngaphambi kokhetho. Ngasekupheleni kwenyanga edlule uKhoza utshele i-Scroll.Africa ukuthi usezingxoxweni namaqembu ezepolitiki amaningi, phakathi kwawo kukhona i-MK Party eyesekwa uJacob Zuma owayeyisitha sakhe kwi-ANC kanye ne-Gap Fixers of South Africa eholwa nguSbu Mpisane, owayengumyeni kasomabhizinisi wesifazane waseThekwini uShauwn Mkhize.

EBulwer- Lowo owayeyiMeya ye-ANC kumasipala wendawo iDr Nkosazana Dlamini eNingizimu yaKwaZulu-Natal utholwe enecala lokukhwabanisa wabe esegwetshwa iminyaka emihlanu ebhadla ejele.

KwaNongoma – Umasipala waKwaNongoma enyakatho neKwaZulu-Natal oholwa amadlelandawonye e-ANC, i-NFP kanye ne-EFF usuyishintshile ilogo yalo masipala. Lolu phawu selunobuso beSilo samaBandla esesakhothama uGoodwill Zwelithini onguyise weSilo uMisuzulu. Lokhu kuza ngemuva kwezicelo zokuthi kuqanjwe kabusha lo masipala omncane osemakhaya ngeSilo esesakhothama.

EThekwini-Abe-Gap Fixers of South Africa abaholwa nguSbu Mpisane, owayengumyeni kasomabhizinisi waseThekwini uShauwn Mkhize, sebememezele eminye yemigomo yabo njengoba kuyiwa okhethweni. Phakathi kwale migomo, leli qembu lifuna kuchithwe uhlelo lwamathenda futhi kuqiniswe nezokuphepha emngceleni ukuze kunqandwe isimo sokungena kwabantu abaqhamuka emazweni angaphandle ngokungemthetho.

ESiphingo – Kuboshwe abesilisa ababili abaneminyaka engu-40 no-43 ubudala ngemuva kokuthi ithimba le-Economic Infrastructure Task Team le-SAPS libathole nezintambo zethusi nama-transformer okusolakala ukuthi antshontshiwe kanti izimpahla okusolakala ukuthi zintshontshiwe bezigcinwe endaweni eyi-scrapyard eSiphingo.

EThekwini-UNgizwe Mchunu ngoLwesihlanu uzokwethula ulwazi olusha mayelana ne-culture carnival yakhe ezoba phakathi neTheku. UMchunu uphumele obala wathi le carnival kuhloswe ngayo ukuphikisana nokwethulwa kwe-manifesto ye-EFF eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo.

Esithombeni esingenhla: UDkt Makhosi Khoza noJacob Zuma.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva