Kamogelo Olaitan
Kudutshulwe kwabulawa abantu abangu-14, kwalimala abayisishiyagalolunye ngemuva kwesigameko sokudubula endaweni yokucima ukoma e-Orlando East, e-Soweto.
Lesi sigameko senzeke ngezikhathi zasekuseni ngeSonto. Lokhu kwenzeke nje ngemuva kwamasonto amabili kushone abantu abasha abangu-21 endaweni yokucima ukoma e-East London.
UKhomishana wamaPhoyisa eGoli u-Elias Mawela uziqinisekisile lezi zindaba.
Uthe amaphoyisa athole ucingo ngezithuba zabo-12:30 ekuseni kuthiwa kunesigameko sokudubula ethaveni yakwaMdlalose esigcemeni sakwaNomzamo.
“Sibikelwe ukuthi kulimele abangu-33 kanti ngesikhathi sifika endaweni yesigameko kuqinisekiswe ukuthi bangu-12 abantu abashonile, abangu-11 baphuthunyiswe esibhedlela,”
“Ngesikhathi ngifika, kushone omunye kwathi ngemuva kwemizuzu embalwa ngatshelwa ukuthi omunye ushonele esibhedlela iChris Hani Baragwanath,” kusho uMawela.
Umphathi wesiteshi samaphoyisa e-Orlando uBrigadier Nonhlanhla Kubeka uthe uphenyo luyaqhubeka endaweni yesigameko kanti eminye imininingwane izokhishwa ngokuhamba kwesikhathi.
Kwesinye isigameko sasethaveni, kushone abantu abane ngesikhathi kudutshulwana endaweni yokucima ukoma eMgungundlovu, abayisishiyagalombili balimala.
Imibiko iveza ukuthi abasolwa abebehamba ngemoto yohlobo lwe-Volkswagen Polo bangene ethaveni bavulela ngenhlamvu bebhekise kubathengi ngo-8.30 ebusuku ngoMgqibelo.
Lena indaba eqhubekayo.