Ezinohlonze kwelikaMthaniya

USihle Mavuso usibikela ngezindaba ezisematheni KwaZulu-Natal.

KwaNongoma – Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha ababulali bekhansela le-IFP uNdukenhle Duma. UDuma ubulawe ngoLwesithathu ngezithuba zabo-3 ntambama ngasemayini yakwaSomkhele eMtubatuba enyakatho nesifundazwe. UDuma ubelungisa okuthile kwenye yezimoto zakhe ngesikhathi ababulali bevulela ngenhlamvu washonela endaweni yesigameko. Ngesikhathi ehlaselwa kudutshulwe kwabulawa umfundi obegibele itekisi kanti ababili balimele.

EPietermaritzburg – Ubuholi obuhlakaziwe be-ANC Women’s League KwaZulu-Natal buthi buzosiphikisa isinqumo sangoLwesithathu esithathwe ihhovisi likazwelonke esichithe imiphumela yengqungquthela yangoNcwaba ngo-2023, lase lifaka ithimba elizosingatha izindaba zalolu phiko.

EVryheid – I-IFP iphumelele ukuvikela u-ward-8 kumasipala wendawo yaseBaqulusi ngesikhathi kunokhetho lokuchibiyela ngoLwesithathu. Iqembu lihlule i-ANC (31%), i-EFF (1%) kanye neqembu elisanda kwethulwa loMkhonto Wesizwe (19%) elisekelwa ngowayenguMengameli uJacob Zuma. I-MK Party ibingenele ukhetho lwayo lokuqala selokhu yagunyazwa uZuma eSoweto ngomhlaka-16 kuZibandlela ngonyaka odlule.

OLundi– I-NFP isicele abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bayidube inkulumo yesizwe yakulonyaka kaMengameli Cyril Ramaphosa. UNobhala Jikelele weqembu uCanaan Mdletshe, uthe i-NFP ayilindele lutho olusha enkulumeni kamengameli.

EMzimkhulu – Kuphinde kwavela esinye isithombe se-screenshot esihambisana nokuphawula okungekuhle kukaNtando Maduna, oyilungu lesigungu esiphezulu ku-ANC Youth League. Kuyo inkulumo uMaduna ongowokudabuka eMzimkhulu eningizimu yaKwaZulu-Natal, ukhulume ngendelelo ephendula umuntu wakwi-Facebook ozwakalise ukungenami kwakhe ne-ANC. Umtshele ukuthi wazalelwa esibhedlela sikahulumeni kanti izingane zakhe ezimbi nogogo wakhe bathola isibonelelo sikahulumeni okusho ukuthi kufanele abonge iqembu elibusayo. Ngasekuqaleni kwaleli sonto uMaduna ugcone owayeyilungu le-ANC owashiya wajoyina i-MK Party ethi unomuzi wodaka odinga ukuthuthukiswa. Uzishaye isifuba ngokuthi usethuthukise ikhaya labazali bakhe, futhi usenomuzi wakhe oseqophelweni eliphezulu.

ELadysmith – Inkosi uNtandoyenkosi Shabalala, iMeya kamasipala wesifunda sasoThukela, eMnambithi iveze izindaba ezishaqisayo zokuthi i-Dunlop Tyre Factory isanda kutshela umasipala ukuthi inkinga yamanzi kule ndawo ibaphoqe ukuthi bacabange ukuyivala.
I-Dunlop ingenye yezinkampani ezinkulu esifundazweni. Le nkinga iqale eminyakeni eyisithupha edlule ngesikhathi imali yezinhlelo zamanzi isetshenziswa budedengu, nokwaphoqa uhulumeni wesifundazwe ukuthi aqale uphenyo ngalo masipala.

Esithombeni esingenhla: Ikhansela le-IFP KwaNongoma elibulewe.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva