Ezinohlonze eKZN: ITheku lizobhalisa izipaza ngaphambi komnqamulajuqu kaZibandlela

UCelani Sikhakhane ukulethela ezakamuva ezinohlonze ezivela KwaZulu-Natal.

ITheku – IMeya uCyril Xaba ihola imizamo kamasipala weTheku yokuqinisekisa ukuthi wonke amabhizinisi izipaza nama-tuck-shop abhalisiwe ngaphambi komnqamulajuqu kazwelonke wangomhlaka-13 kuZibandlela. UXaba uzohola uhlelo lokubhalisa izipaza ngoLwesine ehholo lomphakathi kwaG KwaMashu. Imeya izophelezelwa yiminyango ebalulekile okubalwa owe-Business Licence, owe-Enviromental Health, kanye ne-Informal Economy kulo mhlangano, okuhloswe ngawo ukuhlomisa abanikazi bamabhizinisi ngolwazi ukuze baqinisekise ukuthi bayalulandela.

E-Van Reenens Pass – Uhulumeni waseKZN ubhekisisa umgwaqo oyingozi nonomoya omkhulu odabula intaba ku-N3 kulandela izingozi, ikakhulukazi zamaloli athwala impahla, kulo mgwaqo. UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu uMnuz Siboniso Duma uthe i-Van Reenen’s Pass idinga ukunakwa kakhulu ngenxa yokuma kwayo, isimo sezulu esiguquguqukayo kanye neqhaza layo njengemgwaqo omkhulu ohlukanisa izifundazwe. Lomgwaqo odabula intaba uwumngcele ohlukanisa iKZN ne-Free State. NgoLwesine, isikhulu sezokuThutha sizochaza ngohlelo oluphelele lwezokuphepha emgwaqeni ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi olubandakanya ababambe iqhaza abahlukene. UDuma uthe bazohlangana nangoLwesine nezinhlangano zamatekisi ezinxuse uMnyango ukuthi ungenelele.

Esikhaleni – INkantolo yesiFunda yaseSikhaleni ngase-Richards Bay igwebe owesilisa (26), udilikajele ngemuva kokuvuma icala lokudlwengula izikhawu eziningi umshana wakhe oneminyaka engu-11 ubudala phakathi kukaNdasa 2021 noNcwaba 2022. Ummangalelwa nommangali babehlala endlini eyodwa. Kwesinye isigameko, ingane yakubo kammangali yangena ekamelweni ngesikhathi ummangalelwa emdlwengula. Izelamani zabikela unina ngesigameko kwabe sekuvela udaba. Yize umsolwa ebalekile endaweni, waboshwa. Ummangali uthe kwesinye isikhathi umalume wakhe wayemdlwengula izikhathi ezingaphezu kwesisodwa ngosuku, uthi wayemethemba futhi emthatha njengobaba kodwa ngesikhathi sobunzima adlule kubi wayecabanga ukuzibulala. Umsolwa ugwetshwe udilikajele.

Esithombeni ngenhla: ITheku lizobhalisa zonke izipaza ngaphambi komnqamulajuqu womhlaka-13 kuZibandlela.  

Umthombo: X

Izihloko zakamuva