Ezingena manje: Amalungu e-MK azame ukungena ngendluzula emahhovisi e-IEC 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Amalungu eqembu loMkhonto weSizwe (MK) alinganiselwa ku-60 azame ukungena kwi-Independent Electoral Commission (IEC) Booysens Warehouse eku-1st Street.

I-Scrolla.Africa ithole ukuthi kudingeke ukuthi kubizwe amaphoyisa ukuze azohlakaza isixuku ebesibukeka sizimisele ngokungena emahhovisi e-IEC e-Booysens, eningizimu yeGoli.

Imithombo esondelene namahhovisi itshele i-Scrolla.Africa ukuthi amaphoyisa akwazile ukulawula isimo. “Isimo silawulekile futhi namaphoyisa anamandla anele okusebenza.  

“Amalungu eqembu leMK azame ukungena ngendluzula emahhovisi e-IEC,” kusho umthombo.

Umholi weqembu nowayenguMengameli uMnuz Jacob Zuma ugqugquzele abalandeli be-MK ukuthi bagcwale imigwaqo bakhombise ukungenami ngemiphumela yokhetho, njengoba ethi angaphezu kwezigidi eziyisishiyagalolunye amavoti angaziwa ukuba ayephi okhethweni lwangomhlaka-29 kuNhlaba.

UZuma ubekhuluma esithangamini nabezindaba ngeSonto. “Sethule ubufakazi obubambekayo kwa-IEC obukhombisa ukuthi kukhona okungahambi kahle ohlelweni lokuvota kodwa ukukhathazeka kwethu kuwele ezindlebeni ezingezwa,” usho kanje.

Iqembu le-MK lidube ukuhlala okokuqala kwePhalamende ngoLwesihlanu olwedlule kodwa lahambela umhlangano wokuqala wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal.

Iqembu lithole amavoti angaphezu kuka-45% eKZN kanye no-15% wezihlalo ePhalamende likazwelonke kodwa lisaqhubeka nokusho ukuthi lirojiwe.

Amaphoyisa aseNingizimu Afrika atshale izinhlaka ezikhethekile KwaZulu-Natal ezindaweni asola ukuthi zinodlame ngenxa yezinsolo zokukhwabanisa amavoti.

E-Booysens, amaphoyisa ayaqhubeka nokuqapha isimo namhlanje ebusuku.

Esithombeni ngenhla: Indawo yesigameko.

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva