Ezika Zuma zithi akuthi ndiki ngokaZondo

Kamogelo Olaitan

Okutholwe embikweni wekhomishini kaZondo yokulawulwa kombuso akubalulekile ukudlula amaphepha abhalwe kuwo.

Lena yindlela iNhlangano kaJacob Zuma ephendule ngayo embikweni wakamuva wekhomishini yokulawulwa kombuso.

Esitatimendeni esikhishwe yinhlangano yowayenguMengameli wezwe, uZuma uthi uyayichitha imiphumela eyenziwe ngaphandle kokunikwa ithuba lokubeka uhlangothi lwakhe endabeni ngendlela engathathi hlangothi.

INhlangano kaZuma iphinde yakubeka kwacaca ukuthi izoxoxisana nethimba layo labammeli mayelana nezinyathelo ezifanele okumele zithathwe kulandela okwenzeke ngemuva kokukhishwa kwengxenye yesithathu yombiko kaZondo.

Embikweni wakhe wamakhasi angu-942 awukhiphe ngoLwesibili ebusuku uZondo uthole ukuthi lowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma, uNgqongqoshe wezaMandla noSihlalo we-ANC uGwede Mantashe kanye nowayenguNgqongqoshe uNomvula Mokonyane kumele babekwe amacala enkohlakalo.

Lokhu kungemuva kokuthi iKhomishini yoKulawulwa KoMbuso ithole ukuthi, njengabanye ozakwabo abaningi, uZuma naye wahlomula kwi-Bosasa.

Umbiko uphinde wathi i-Bosasa yakhokhela imicimbi ewubukhazikhazi yokubungaza izinsuku zokuzalwa yaphinde yakhokha izimali kwiNhlangano kaJacob Zuma.

Kuthiwa owayeyiSikhulu esilLawulayo kwa-Bosasa, u-Angelo Agrizzi, udalule ukuthi uDudu Myeni wayethola imali engu-R300 000 njalo ngenyanga, egameni lenhlangano. Owayengumphathi we-Bosasa uGavin Watson washona engozini yemoto ngoNcwaba ngo-2019.

Izihloko zakamuva