Ezihamba phambili KwaZulu-Natal: Ukuntshontshwa kwezintambo zikagesi kuhlalise indawo yaKwaMashu ebumnyameni

USihle Mavuso ukulethela ezihamba phambili kwelikaMthaniya

KwaMashu – Izinsolo zokuntshontshwa kwezintambo zethusi kwenye yezindawo zikagesi ezingaphansi kukamasipala weTheku kufake izindawo eziningi ebumnyameni ngeSonto ebusuku kwaqubula umbhikisho onodlame wokukhala ngokungalethwa kwezidingo. Izingxenye zaseNewlands East, I Newlands West, neSiyanda KwaMashu zilale ngobumnyama. Ugesi ubungakanuyi ngehora lesibili ntambama ngoLwesibili. Ukunqamuka kukagesi kudale ukuthi izakhamuzi zaseSiyanda zibhikishe ezimpambanweni zomgwaqo uDumisani Makhaye Highway, Inanda Road noMalandela Road.

EMgungundlovu– Uphiko oluphenya amacala akhethekile (SIU) lugunyazwe ukuthi luphenye uMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal onenkinga yezimali ngemuva kokuvela kwezinsolo zenkohlakalo nokungaphathwa ngendlela mayelana nokwakhiwa kwemitapo yolwazi eyisishiyagalolunye esifundazweni kanye nethenda yokuyihlinzeka ngezincwadi. Uphenyo lwe-SIU luzobheka ukwakhiwa kwale mitapo yolwazi elandelayo: iDukuduku nemitapo yolwazi eyi-modular eNibela, KwaNkosi Khumalo, KwaKhetha, eMpembeni, eNtunjambili, eDenny Dalton, eMfekayi naKwaNzimakwe ngasePort Shepstone.

Ulundi – I-Ezemvelo KZN Wildlife inikeze isiqiwu esizimele iMawana Game Reserve, oLundi enyakatho neKwaZulu-Natal izinsuku ezingu-14 ukuthi ilungise izinkinga zayo ngokubiyela izindlovu noma ilahlekelwe yilayisensi yokugcina izilwane. Lesi sinyathelo se-Ezemvelo silandela isigameko sangoLwesihlanu olwedlule lapho izindlovu ezidukile zicishe zabulala uMzobanzi Buthelezi waseKudubekeni KwaCeza, owayeluse umhlambi wezinkomo zakhe ngasesiqiwini. Ngaphambi kwalesi sigameko izakhamuzi zakhala ngokuthi lesi siqiwi asenzanga lutho ukugcina izindlovu zingaphathathi. Ezemvelo isola ukuthi uthango seluyafana nolungekho okwenza kube lula ukuthi izindlovu ziphume bese zidale umonakalo emiphakathini eseduze.

KwaNongoma – UMntwana uBonga Zulu, oyilungu eliphezulu le-ANC KwaNongoma usekhishiwe kuzo zonke izinhlaka zika-WhatsApp zeqembu elibusayo ngemuva kwezinsolo zokumataniswa neqembu uMkhonto Wesizwe (MK) oholwa ngowayenguMengameli uJacob Zuma. UMntwana uZulu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukhishiwe emaqenjini e-WhatsApp ngemuva kokuthi igama lakhe kuthiwa livele kwelinye lamaqembu eMK. UZulu uthe izinkinga zakhe ne-ANC ziqale ngomhlaka-16 kuZibandlela lapho uZuma ememezela ukuthi uzokhankasa futhi avotele iMK, wabe esephawula kanti amanye amaqabane abona lokho njengokweseka uZuma.

EMbazwana – I-EFF esifundeni uMkhanyakude enyakatho neKwaZulu-Natal isole i-ANC ngokususa izingqwembe zayo emgwaqeni ophithizelayo uMbazwana-Manguzi. I-EFF ithe bekuyiqembu lokuqala ukugxumeka izingqwembe ezigxotsheni zomgwaqo eduze kwegaraji lakwa-Engen eMbazwana, kodwa labuya sezisusiwe kwafakwa izingqwembe ze-ANC. Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule ibhodi elikhulu le-MK edolobheni laseDundee lasuswa.

Esithombeni esingenhla: Umgwaqo uDumisani Makhaye onguthelawayeka ovalwe izakhamuzi zaseSiyanda ebezibhikishela ukungalethwa kwezidingo emva kokuhamba kukagesi.

Umthombo wesithombe: USihle Mavuso

Izihloko zakamuva