USihle Mavuso ukulethela ezihamba phambili kwelikaMthaniya.
EKokstad – I-IFP ithukuthele igane unwabu ngemuva kokuthi umasipala ophethwe yi-ANC, iGreater Kokstad uyivimbe ukuthi ibambe umkhankaso wayo wokhetho eKokstad ngoLwesithathu. Lo mkhankaso bekumele wethulwe nguMnuz Thami Ntuli, okunguyena abafisa abe nguNdunankulu we-IFP eKZN. Kwenzeka lokhu nje leli qembu lisaqhubeka nokulungiselela ukhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba lapho lifuna ukuthatha amatomu ombuso isifundazwe kuKhongolose ngokuvuselela uhlaka lwalo oludala eningizimu yesifundazwe. Lolu hlaka lwaqala ukushuba ngo-2004 ngesikhathi belahlekelwa isifundazwe besiphicwa yi-ANC okokuqala ngqa selokhu kwaqala umbuso wentando yabantu. Phakathi kwezinye izizathu imenenja kamasipala uMnuz Sipho Zwane azibalulile ngokuchitha isicelo sokusingatha umkhankaso ukuthi abaqinisekisanga ngokulawula izingozi ezingenzeka kumkhankaso.
EThekwini- Khonamanjalo uMasipala weTheku ophethwe yi-ANC uthe awuphoqelekile ukuchaza ukuthi kungani inkundla yezemidlalo bengeke bakwazi ukuyinikeza iqembu elifake isicelo sokuyisebenzisa. Umasipala ubuphendula i-Scrollla.Africa ngemuva kokuthi icele imininingwane eyengeziwe ngokuthi kungani inkundla yezemidlalo iPrincess Magogo KwaMashu ingeke inikezwe iMK Party ezoba nombuthano wokukhankasa ngomhlaka-21 kuMbasa. Okhulumela umasipala, uGugu Sisilana uthe abaphoqelekile ukuthi bakuchaze lokho. “Imininingwane yomcimbi iphakathi kwekhasimende neDolobha. UMasipala weTheku awukhululekile ukuthi udalule imininingwane enjalo kwabanye abangawona amakhasimende nganoma yisiphi isizathu,” kusho uSisilana.
ERichards Bay – UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (CoGTA) esifundazweni, uBongi Sithole-Moloi uyalele uMkhandludolobha waseMhlathuze (Richards Bay-Empangeni) ukuthi uthuthukise izinga lokulawulwa kwezibhamu kanye nokungena emagcekeni awo. Lokhu kulandela isigameko sokudubulana ngaphakathi emagumbini omkhandlu phakathi kukanogada weMeya uXolani Ngwezi kanye noweMenenja yeDolobha uNkosenye Zulu emasontweni amabili edlule. USithole-Moloi uhlangane nesigungu esiphezulu izolo ukuthola umbiko ogcwele mayelana nalesi sigameko wabe esenikeza nemiyalelo. Kumanje lesi sigameko sisaphenywa ngabe-SAPS. Onogada ababili bangcwatshwe ngempelasonto eThekwini.
KwaNongoma – Ifilimu eqoshwe KwaNongoma iqokwe kumcimbi wezindondo eLos Angeles, e-USA ngoNhlangulana. Le filimu enesihloko esithi Zipped ibophele abalingisi abafana noThabo Mnguni, uFelix Hlophe, uThah Simelane. Kukhona noGregory Collier noPhyllis Turner abangabalingisi baseMelika kule filimu. UBuhle Khumalo ulingisa njengomlingisi ohamba phambili, ophila nokukhubazeka empilweni yangempela. Ifilimu efakiwe inabalingisi abangu-110 futhi unezingoma ezingaphezu kuka-15 ezenzelwe yona. Kungokokuqala ifilimu iholwa ngumuntu okhubazekile futhi inabalingisi okungenani abayisikhombisa abaphila nokukhubazeka empilweni yabo yangempela .
EThekwini- Icala lenkohlakalo nokukhwabanisa elibhekene nabaphathi bohlelo i-Expanded Public Works Programme (EPWP), uXolani Vilana, uDumisani Nxumalo kanye noRobert Nkosi lihlehliselwe umhlaka-30 kuMbasa ngo-2024 ukuze bazothola abameli. Icala lemarathon bekumele liqale namuhla eNkantolo yamaCala ezoHwebo eThekwini liqhubeke kuze kube uLwesihlanu. Nokho lihlale isikhashana lase lahlehliswa. UVilana nabanye abasolwa kuthiwa baqashe abantu abangekho kulolu hlelo futhi baboshwa ngo-2019.
Esithombeni esingenhla: Inkantolo yeMantshi yaseThekwini lapho icala le-EPWP beliqulwa khona kafushane namuhla.
Umthombo wesithombe: USihle Mavuso