Ezihamba phambili KwaZulu-Natal: I-ABC ifuna ukubuyisa amandla eqembu

USihle Mavuso ukulethela ezihamba phambili kwelikaMthaniya

EGreytown – Inhlangano i-Abantu Batho Congress (ABC) ithi ngoMgqibelo izoveza umbono ocacile mayelana nokuthi ihlose ukuzihlenga kanjani kwisinqumo esithinta i-ANC. NgoLwezi ngo-2021 yabuyisela i-ANC emandleni kuMasipala weTheku ngemuva kokuthi abavoti beyichithile. UMengameni weqembu uPhilani PG Mavundla wenqabile ukunikeza impendulo ecacile ngesikhathi i-Scrollla.Africa imbuza ukuthi angakwazi yini ukuqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi ngeke aphinde agcine i-ANC emandleni ngokunikela ngamavoti eqembu lakhe kuyo.

EMandeni – Esinye sezitolo ezisebenzela enxanxatheleni yezitolo iMandeni silahlekelwe isitokwe sika-R2-million ngemuva kokuthi sishiswe umlilo oqalwe ukuphazamiseka kukagesi ngoMsombuluko ntambama. I-Skippers Bar edayisa izingubo ihlengiwe ngesikhathi izicishamlilo zikaMasipala waseMandeni zingenelela ngokuwubhula. Ukungenelela okusheshayo kuphinde kwasindisa u-Mr Price kanye no-Ackerman enxanxatheleni yezitolo efanayo.

EMgungundlovu -IComrades Marathon Association (CMA) yeluleke abasubathi bangaphandle kweTheku abazobamba iqhaza kwiComrades Marathon yalo nyaka ukuthi bazame ukusheshe bafika lapho kuzoqala khona umjaho. IMenenja ye-CMA Race & Operations, u-Ann Ashworth weluleke abagijimi ukuthi bafike mhlawumbe kusasele ihora ngaphambi kokuba baqale ehholo le dolobha laseThekwini. Uthe ukwakhiwa kwemigwaqo eqhubekayo kanye nokwanda komthamo wezimoto kuzoholela kwisiminyaminya kanye nesikhathi eside sokuhamba.

EZululand – UMasipala iZululand ophethwe yi-IFP usole uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (CoGTA) ngothuthuva lwezomthetho ozithole ukulo ngemuva kokuthi iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ibuyisele esikhundleni umqondisi wayo wezinsiza zomphakathi, uKhabo Nene. Umasipala uthe uphoxekile ngenxa yokuthi usebenzise isinqumo soMnyango othi uNene akafaneleki kulesi sikhundla ngakho kumele asuswe. Yize kuphume isinqumo umasipala uthe uzosidlulisela phambili isinqumo esikhishwe emaqenjini izolo.

EMzumbe – Amaqembu ezepolitiki ayawuqinisa umkhankaso wawo kuMasipala uMzumbe eningizimu yaseKZN lapho i-ANC ixoshe owayenguSomlomo wayo ogcine esejoyine iMK Party (Umkhonto Wesizwe) eholwa nguJacob Zuma nokwacaba indlela yokhetho lokuchibiyela. USibonelo Maphumulo ophuma emndenini wezigwili wakwaMaphumulo ophethe imikhakha eminingi endaweni, usengenele lolu khetho ngaphansi kwefulegi leqembu elisha. Ukhetho lokuchibiyela luzoba ngomhlaka-24 kuMbasa kanti i-IFP ne-ANC nabo bafake abangenele ukhetho. Namuhla i-IFP ithumele uSihlalo wayo esifundazweni nophinde agaqele esobuNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, ukuthi ayoqinisa umkhankaso wayo.

Esithombeni esingenhla: UMongameli we-Abantu Batho Congress, uPhilani Mavundla, kwesokunxele nesekela lakhe, uDkt Makhosi Khoza kwesokudla.

Umthombo wesithombe: Sihle Mavuso

Izihloko zakamuva