Ezihamba phambili KwaZulu-Natal: Abasebenzi baseThekwini batshelwe ukuthi banqabe ukukhishwa komqondisi wesikhwama

USihle Mavuso ukulethela ezihamba phambili kwelikaMthaniya

ITheku – I-Allied Trade Union kuMasipala iTheku seyiluleke amalungu ayo ukuthi anqabe ukuthi umasipala ukhiphe i-Alex Forbes njengomlawuli wesikhwama sempesheni yabasebenzi bamasipala kufakwe inkampani yeBEE ezinze eKapa ebizwa ngokuthi i-Fairsure, okuncane okwaziwa ngayo. Inyunyana yezidlamlilo ithi kusolwa ukuthi iFairsure iyaphenywa mayelana nokungaphathwa kahle kwezimali kuMasipala uMsunduzi. Imatu ibuye yathi akukho lwazi olukhona ngesipiliyoni senkampani, ukufaneleka kanye nekhono lokuphatha isikhwama esikhulu kangaka.

Eshowe – Okhulumela amalungu omndeni wasebukhosini bakwaZulu abeseka uMntwana uSimakade ukuthi athathe isihlalo sobukhosi kwiSilo Samabandla uMisuzulu KaZwelithini usejoyine iMK Party yowayenguMengameli uJacob Zuma. UMntwana uMandlakapheli Zulu waseNdlunkulu eNgudwini ngaseShowe ukuqinisekisile kwa-Scrollla.Africa ukuthi ngempela usejoyine iqembu elihlubuke ku-ANC. Lokhu kungemuva kokuthi ebonakale ezithombeni eziningi ehamba ngemuva kukaZuma.

EMgungundlovu– IRise Mzansi esifundazweni isibhalele uNdunankulu uNomusa Dube-Ncube kanye noKhomishana wamaphoyisa esifundazweni, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ukuthi basebenzisane basungule ithimba eliyisipesheli elizolwa nezigilamkhuba ezifuna ukulawula amanzi. Umholi waleli qembu esifundazweni, uNonkululeko Hlongwane-Mkhongo uthe imibiko yakamuva mayelana nezigelekeqe ezicekela phansi ingqalasizinda yamanzi iyakhathaza futhi kufanele kwenziwe imizamo ukuyivimba ngaphambi kokuthi ifake isifundazwe enkingeni embi kakhulu.

Olundi – Umasipala waseZululand ophethwe yi-IFP uzichithile izinsolo zokuthi uzama ukucisha izigidi zemali esetshenziswe budlabha, futhi engagunyaziwe, okuyinto okuthiwaeyenziwe ngonyaka wezimali odlule. Umasipala ugxeke i-ANC esifundeni ngokuthi ithembele emqulwini ongenamthetho emkhandlwini ukuthi udayise lezi zinsolo. I-DA emkhandlwini iphinde yagxeka i-ANC ngokuqamba amanga ngalolu daba. Lokhu kungemuva kokuthi i-ANC iveze ukuthi i-DA yasiza i-IFP ekugunyazeni ukusulwa kwesinqumo.

EThekwini– Ingene ebumnyameni iNational Construction Incubator eThekwini ngemuva kokuthi umasipala weTheku unqamule ugesi ngoLwesibili ekuseni. Umasipala unqamule ugesi kulandela isikweletu sika-R23,396 esingakhokhiwe osekuphele izinyanga singakhokhiwe yize bekhunjuzwa. Ukunqanyulwa kukagesi kuza njengoba kubikwa ukuthi i-incubator ibhekene nezinkinga zezimali okwenze abasebenzi bangeza emsebenzini okushiye isiza singcolile.

Isithombe esingenhla: I-Imatu iphikisana nokuqokwa okuhlongozwayo kwe-Fairsure.

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva