Ezihamba phambili KwaZulu-Natal: Abasebenzi ababeqashelwe ukuvala izikhala kumasipala Ugu bakhala ngokungaphathwa kahle

USihle Mavuso ukulethela ezihamba phambili kwelikaMthaniya.

Ugu – Ababengabasebenzi bomnyango wezamanzi nokuthuthwa kwendle ophethwe yi-ANC kumasipala wesifunda Ugu

Abantu ababeqashelwe ukuvala izikhala zabasebenzi abangu-101 abaxoshwa uMasipala uGu ngasekuqaleni kuka-2020 ngamacala okungenela isiteleka esingekho emthethweni kanye nokucekela phansi ingqalasizinda yamanzi bathi sebejikelwe abaphathi balo mkhandlu. Bathi emva kokuba abasebenzi abaxoshwa bewine icala babuyiselwa emsebenzini ngoMfumfu ka-2022, bona babe sebephelelwa umsebenzi. Kodwa batshelwa ukuthi uma kuvuleka izikhala bazoba abokuqala ukuqashwa. Laba basebenzi bathi akusenzeki njengamagama enkehli njengoba sekuqashwe abantu abangaphezu kuka-40 ababengesiyo ingxenye yabo kanti akekho noyedwa kubona oseqashiwe.

eNkandla – Umasipala wendawo yaseNkandla ulahlekelwe elinye ikhansela kanti manje usubheke kolunye ukhetho lokuchibiyela oluzoba nzima ezinyangeni ezintathu. Lokhu kulandela ukushona kukaMnuz Thembinkosi Nxumalo wakuWadi-4. UNxumalo we-IFP ushone ngasekuqaleni kwesonto emuva kokugula isikhathi. Ethula inkulumo yakhe enkonzweni yesikhumbuzo ebiseNkandla izolo, uSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli uchaze uNxumalo njengesisebenzi sikahulumeni esizinikele esingcine ngokuzimisela izimfundiso zoMntwana uMangosuthu Buthelezi osakhothama zokuba isisebenzi sikahulumeni esihloniphekile.

EBergville – Umphakathi waseBethany eBergville wehla wenyuka uthungathana nesidumbu sowesilisa wasendaweni imoto yakhe emuke nomfula ngeSonto ebusuku. Kusukela lapho umphakathi ubheka emfuleni amathambo kaDumisani “Killer” Msimanga ominze nomalume wakhe. Isidumbu sikamalume wakhe sitholwe ngosuku okulandelayo eduze kwemoto ebimukile. Umndeni wakwaMsimanga uthi uzothola ukuthula kuphela uma ususitholile isidumbu sikaDumisani waphinde wangcwatshwa ngendlela efanele.

EThekwini– Inkinga yamanzi esithathe izinyanga eThekwini isaqhubeka nokusabalala ezindaweni eziningi. Inselelo yamanzi isekhona nanamuhla njengoba nePhini likaMengameli uMnuz Paul Mashatile eseThekwini ezohlola ingqalasizinda yamanzi nokuthuthwa kwendle. Eningizimu yeTheku izindawo zase-Adams naKwaMakhutha sekuphele izinsuku zingenamanzi. INewlands East nezingxenye zaseNewlands West nazo ziqale impelasonto ngaphandle kwamanzi. Umasipala awukacacisi ukuthi yini eholele kule nkinga.

EXobho – Intsha yaseXobho eningizimu ne-KZN ilungiselela ukumasha ivale amahhovisi endawo oMnyango wezokuThutha esifundazweni. Leli qembu lithi ngasekupheleni konyaka odlule ihhovisi lendawo laxoxisana nabo ngomsebenzi wokusebenza emgwaqeni kodwa labuya labalaxaza. Omunye wabafake izicelo uthi bebelinde ukubizwa ukuze baqale ukusebenza kodwa ngokuhamba kwesikhathi bathola ukuthi kuneqembu elisha eliqashiwe ukuze lithathe izikhundla zabo. Leli lungu lentsha lisole ukuthi abanye abaqokiwe bahlobene nezikhulu ezithile. Ukuvalwa kwamahhovisi kulindeleke ngoLwesibili.

Isithombe esingenhla: Ugu District municipality.

Umthombo wesithombe: Ugu district municipality/X

Izihloko zakamuva