URorisang Modiba ukulethela izindaba zansuku zonke ezenzeka emhlabeni.
Israel – Isikhulu saseMelika sithi i-Israel ihlasele i-Iran, kodwa amasosha akwa-Israel awakakuqinisekisi ukuhlasela futhi i-Iran ibingakasoli muntu. Isikhulu sase-Iran sithe badubule ama-drone amathathu kanti akuzange kube khona ukuqhuma kwemicibisholo. Imibiko e-Iran ithe izindawo zabo zenuzi ziphephile futhi ikhombise amavidiyo ezindawo lapho bekunamahlebezi okuthi kuhlaselwe khona. Lokhu kuza ngemuva kokuhlasela kwe-Iran ngesikhathi kusolwa isiteleka sakwa-Israel ehhovisi lenxusa e-Syria.
China -Iningi labantu e-China bahlala ezindaweni zasemadolobheni lapho umhlaba ucwila khona ngenxa yezenzo zabantu. Lokhu kwandisa ingozi yezikhukhula, ikakhulukazi ngokukhuphuka kwamazinga olwandle. Kubantu abayizigidi ezingu-270, u-29% wabantu bahlala ezindaweni zasemadolobheni. Ucwaningo lwakamuva luthole ukuthi cishe ingxenye yezindawo zasemadolobheni iyacwila. Imbangela enkulu yalokhu kucwila noma ukuncipha, ukudonswa kwamanzi ngaphaninsi komhlaba ngokweqile. Amadolobha adonsa amanzi ngaphansi komhlaba ngokushesha kodwa kuthatha isikhathi ukuthi abekhona.
E-Hong Kong – I-Apple ivale u-WhatsApp kanye nama-threads esitolo sayo e-China ngenxa yama-oda avela ku-Internet Watchdog. Lezi zinhlelo eziphethwe yi-Meta, bese zivaliwe futhi azisetshenziswa kakhulu e-China. Izinto ezinjengokukhuphuka kobuzwe, ubunzima bezomnotho, nokuncintisana okuqinile kwemikhiqizo yasendaweni efana ne-Huawei, i-Xiaomi, kanye ne-OPPO/OnePlus kwehlise umfutho wokuthengwa komkhiqizo we-Apple. I-China iyimakethe yesibili ngobukhulu kwimikhiqizo ye-Apple ngemuva kweMelika.
E-Kenya – Isikhulu samasosha e-Kenya, uGeneral Francis Ogolla ushone engozini yendiza enophephela emhlane entshonalanga yezwe, kumemezela uMengameli uWilliam Ruto. Le ngozi idlule nomphefumulo kaGeneral Ogolla kanye namanye amalungu ayisishiyagalolunye ombutho wezempi kwasinda ababili. UMengameli uRuto uthe abaphenyi bathunyelwe endaweni yengozi e-Elgeyo Marakwet County ukuze bathole imbangela yalokhu okwenzekile. UGeneral Ogolla ubesohambweni olusuka e-Nairobi ukuyovakashela amasosha futhi ahlole ukulungiswa kwezikole esifundeni sase-North Rift ngesikhathi kwenzeka ingozi.
E-Philadelphia – UMengameli waseMelika uJoe Biden uthole ukwesekwa amalungu angaphezu kweshumi omndenikazi wakwaKennedy. Lokhu kuzofika njengembibizane kuRobert F. Kennedy Jr naye osemkhankasweni wokuqinisa ukwesekwa kwakhe kwinselelo kaMengameli. Umndeni wakwaKennedy uchithe umkhankaso kaRFK Jr. njengoba ebheke ukusebenzisa isibongo sakhe ukuze athole ukwesekwa.
Isithombe esingenhla: UNdunankulu wakwa-Israel, uBenjamin Netanyahu.
Umthombo wesithombe: X