Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Izakhamizi ezingaphansi kukamasipala wase-Moretele kumele zithenge amanzi emathangini noma zikhe emifuleni njengoba ompompi bengaphumi lutho naphezu kwezithembiso ezashiwo emashumini eminyaka.
Izikole, imitholampilo nabalimi badonsa kanzima njengoba izinhlelo zamanzi zibhuntsha, okuphoqa ukuthi bakhokhe imali efinyelela ku-R250 ukuze bagcwalise amathangi abo.
I-Scroll Water Watch: Njengoba ukucinywa kukagesi manje sekuyinto yesikhathi esedlule, ukushoda kwamanzi kuyinkinga ephuthuma kakhulu eNingizimu Afrika. Kulolu chungechunge lwemibiko esekelwe emphakathini, sibheka ukuthi lokhu kuyithinta kanjani imiphakathi.

Ngemuva kweminyaka engamashumi amathathu umbuso wentando yeningi wathembisa amanzi ahlanzekile kubo bonke abantu, izinkulungwane zabantu kuMasipala wase-Moretele e-North West zisalindile.
Izakhamuzi eziningi kumele zithenge amanzi emalolini ngo-R200 kuya ku-R250 ithangi ngalinye, kuthi abangenawo amandla bawakha emifudlaneni esetshenziswa nezilwane.
Abantu abanemali bambele phansi ama-boreholes bafaka nezifutho ezigcwalisa amathangi abo o-Jojo.
Kodwa iningi lezakhamizi alinawo amanzi, imizamo yokulungisa le nkinga ibhuntshile.
Izigodi ezinjengoKgomo Kgomo kanye neKontant zibone izinhlelo zamanzi ezimbili zingaphumeleli. Isakhamuzi sendawo uTumelo Morolong uthe umklamo wokuqala kwafakwa ompompi, kodwa umfutho wamanzi uphansi kangangokuthi amanzi awavamile ukuphuma.
“Ngezinsuku lapho kungekho khona amanzi abahlali bayaphoqeleka ukuthi bathenge amanzi emizini enemigodi yamanzi ambelwe ekhokha u-R1 ngesiqukathi ngasinye nom a isigubhu noma isipakupaku” kusho uMorolong.
“Abanye baqasha izinqola zezimbongolo ukuze bayokha amanzi emfuleni iTshwane. Kujwayelekile ukuthi sihlukaniselane amanzi nezilwane.”
Umklamo wesibili wokufaka amanzi adonswa phansi enhlabathini nawo wabhuntsha lapho ukuhlolwa kukhombisa ukuthi amanzi ayengaphephile ukuthi angaphuzwa.

Lokhu kuyiqiniso lethu esesilamukelile. Amanzi ayisidingo esibalulekile esithenjiswa sona ngesikhathi sokukhankasela ukhetho kodwa awafinyeleli kithina,” kusho uMorolong.
Okhulumela uMasipala wase-Moretele, uMnuz Mothupi Malebe, uvumile ukuthi zikhona izinkinga zamanzi kodwa wathi bamatasatasa ukuze bazixazulule.
“Kumanje simatasa nokuhlinzeka ngamanzi amaningi esigcemeno sesi-7 okuhlanganisa i-Mmotla, I-Moeka, I-Rabusala Swaartdam ne-Noroki,” kusho uMalebe.
“Kunohlelo lwamanzi lwase-Klipdrift oluzohlanganisa izindawo ezifana ne-Bosplas, I-Mogogelo kanye ne-Makapanstad kanti elokuxhunywa kwamapayipi emagcekeni, umasipala usaqhubeka nakho.
Lesi simo sithinta wonke umuntu kusukela ezikoleni nasemitholampilo kuya kubalimi namabhizinisi. Nakuba abanye bekwazi ukuthenga amanzi, abaningi basala bethembele emithonjeni yamanzi engaphephile.
Esithombeni esingenhla: Ompompi bamanzi abomile kumasipala wase-Moretele.
Umthombo: Doreen Mokgolo