Ezifingqiwe zobugebengu: Ugwetshwe iminyaka engu-14 ngokushaya intombi ize ishone

USbongile Nonyana ukulethela ezakamuva ezinohlonze zobugebengu eNingizimu Afrika.

E-Free State – ULeonard Olyn, (26), ugwetshwe iminyaka engu-14 ebhadla ejele ngecala lokubulala yiNkantolo eNkulu yase-Free State e-Bloemfontein ngoMsombuluko, mhla zintathu kuNhlolanja. U-Elvira Syster, (23), watholwa ngumuntu owayedlula ngendlela emathuneni ekuseni ngomhlaka-24 kuNdasa 2024. Washaywa waze washona. Imiphumela yophenyo ihlobanisa umsolwa nokubulawa ngehembe lakhe elatholwa linamachaphazelo egazi. U-Olyn utholakale engafanele ukuphatha isibhamu.

E-Polokwane – Abasolwa abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-39 no-54 baboshelwe ukumba isihlabathi ngokungemthetho kanye nezinto okucatshangwa ukuthi zinegolide esifundeni sase-Mopani. Ukuboshwa kwalaba basolwa kulandela umkhankaso wezobunhloli weVala Umgodi Task Team kusukela ekuseni ngoLwesibili, mhla zizine kuNhlolanja, kwaze kwaba kusihlwa, esigodini sase-Mapuve ngaphansi kwendawo yamaphoyisa yase-Ritavi. Amaphoyisa ashaqe isikhwama esingu-2kg sezinto okusolakala ukuthi zinegolide, ifosholo elilodwa kanye nesitsha sepulasitiki esiluhlaza ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso. Abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Polokwane maduze.

E-North West – Kuboshwe abantu abane bokufika abavela e-Lesotho bathweswa icala lokubulala abesilisa abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-25 no-38 ubudala e-Kanana. NgoMgqibelo, mhlaka-18 kuMasingana, kuqubuke impi phakathi kwezakhamuzi zase-Basotho endaweni yokucima ukoma ese-Extension 3 e-Kanana, eduze kwase-Orkney. Elinye lamaqembu lahlula elinye, laphoqa abagilwa abahlanu ukuba bangene emotweni babathumba. Bahamba ngemoto baya ngasemfuleni i-Schoonspruit lapho bafike bashaya khona abagilwa. Uphunyukile oyedwa kwabashonile kwathi abane bajikijelwa emfuleni. Omunye wabagilwa wabhukuda waya endaweni ephephile, kwathi abanye abathathu baduka. Laba bobathathu bavele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-Orkney ngoMsombuluko, mhlaka-27 kuMasingana kanti bagqunywe esitokisini baze baphinde bavele enkantolo ngomhlaka-12 kuNhlolanja.

E-Westernburg – Amaphoyisa ase-Westernburg acela usizo lomphakathi ngokuthola uPrecious Mapaila, (16), owaduka ngoLwesihlanu, mhlaka-31 kuMasingana, e-Seshego Extension 73A. Wasuka ekhaya ebusuku abazali bakhe belele engatshelanga muntu ukuthi uyaphi. Umufi ungumfundi ka-Grade 9 esikoleni sase-Polokwane. Akwaziwa ukuthi wayegqokeni ngesikhathi enyamalala. Amaphoyisa acela noma ngubani ongaba nolwazi ngokuthi ukuphi uPrecious ukuba athinte umphenyi wecala uMseshi uKaputeni Eddie Tharaga ku-082 565 7476, noma ku-Crime stop ku-08600 10111, noma uvakashele esiteshini samaphoyisa esiseduze, noma adlulisele imininingwane ku-MySAPSApp.

Izihloko zakamuva