USbongile Nonyana ukulethela ezakamuva ezinohlonze zobugebengu zaseNingizimu Afrika.
E-Sekhukhune – Ezintatha zangoMgqibelo, abasebenzi basesibhedlela bathole isiguli (45), siphezu kwesinye isiguli, besishone ngenxa yenxeba lokudutshulwa ekhanda namanye amanxeba. Ngokusho kwamaphoyisa umsolwa utholwe egcwele igazi. Kuthiwa uphinde waluma umufi ngesikhathi ehlaselwa. Kuze kwalamula unogada esibhedlela wadubula umsolwa emilenzeni yomibili. Lo mlisa kumanje ugadwe ngamaphoyisa njengoba elashwa esibhedlela sendawo. Ubekwe icala lokubulala.. Amaphoyisa asazama ukuthola ukuthi isibhamu sifike kanjani egunjini labagula ngengqondo esibhedlela.
E-Tembisa – Owesilisa oneminyaka engu-37 ubudala osolwa ngokubulala isithandwa sakhe e-Ivory Park, e-Tembisa, uboshiwe esigodini sase-Bode ngase-Giyani, e-Limpopo.
Umsolwa ubegcwele amathafa kusukela kwenzeka lesi sigameko ngenyanga edlule. Uzovela enkantolo maduze e-Gauteng lapho ezobhekana khona necala lokubulala.
E-Musina – Owesilisa wangaphandle oneminyaka engu-48 ubudala uboshwe emngceleni wase-Beitbridge ngezinsolo zokuzama ukushushumbisa iziqhumane ezingabiza u-R618,200. Amaphoyisa amise iloli emhlophe yohlobo lwe-MAN ngesikhathi eyihlola athola amasaka abomvu angu-11 egcwele izinto ezifana nopholoni.Ngesikhathi bebhekisisa, bathole amakhatriji angu-2,118 namareli angu-16 ekhebula le-detonator epakishwe entweni efana nejeli. Umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yase-Musina maduze nje.
E-Mabopane – Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha ngemuva kokudutshulwa kwabulawa iphoyisa elingusayitsheni ebelingekho emsebenzini e-Mabopane, enyakatho yePitoli, ngoMsombuluko, mhlaka-11 kuNdasa. USayitsheni Marcus Lekalakala we-Gauteng Highway Patrol Unit ubeshayela i-Polo yakhe ebomvu ngesikhathi ehlaselwa yiqembu ebelihamba nge-sedan. Kuthiwa ushonele endaweni yesigameko. Imbangela yokuhlasela ibingakaziwa, kanti amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo.
Esithombeni esingenhla: Indawo yobugebengu.
Umthombo wesithombe: File