Ezifingqiwe zaseKZN: Umbhalo kaGogo kuFacebook usususe umsindo ngokuqashwa kwamaphoyisa amasha eThekwini 

UCelani Sikhakhane ukulethela ezakamuva ezinohlonze ezivela KwaZulu-Natal.

EThekwini – Kugcwele ulaka eThekwini ngemuva kokuqashwa kwamaphoyisa kaMasipala amasha angu-500, okuthiwa amanye athole imisebenzi ngokwazana nabathile esikhundleni sokulandela imigudu efanele. Udaba lusuke ngeledlule ngesikhathi iMeya uMnuz Cyril Xaba yethula amaphoyisa amasha aqashiwe. Izinto zibhebhetheke kabi kakhulu ngesikhathi uMamane Xulu ebhala ku-Facebook ebonga uNobhala wegatsha le-ANC uMnuz Mpume Mabaso ngokusiza umzukulu wakhe, u-Uyanda Biyela Xulu, ukuthi aqashwe ngaphandle kokulandela imigudu ejwayelekile. UXulu uze wathembisa ukuyisa uMabaso esidlweni sasemini ukuze akhombise ukubonga.

EMgungundlovu – UNgqongqoshe wezeziMali KwaZulu-Natal, uFrancois Rodgers, ucasuke ugane unwabu ngemali engu-R600 million echithwa minyaka yonke kuthengwa i-airtime nama-data abasebenzi bakahulumeni. Ukhathazekile ngokuthi kungenzeka ukuthi isifundazwe sisakhokhela abantu abangasasebenzi kuhulumeni, njengalabo asebethathe umhlalaphansi noma abashona. URodgers uthe uhulumeni kumanje ubhekene nengwadla yokushoda kuka-R8 billion, futhi le mali kumele ibhekwe.

E-Verulam – INkantolo yesiFunda yase-Verulam igwebe uLethiwe Princess Mthimkhulu iminyaka eyishumi ebhadla ejele ngokuzama ukudlisa ushevu isoka lakhe, uPhakamani Phumlani Sibiya, ngoMbasa ka-2022. UMthimkhulu watshela uSibiya ukuthi i-acid amnikeze yona yayingamanzi angcwele ukuze ahlanze isisu sakhe. Ngesikhathi egula, wathembisa ukuthi uzomtholela imoto ezomyisa emtholampilo kodwa kunalokho wathatha umakhalekhukhwini wakhe. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi wadlula ngasemtholampilo wathatha owesilisa owathi uzomtholela umuthi wesintu ozomsiza.

Esithombeni esingenhla: Isenzo esihle sikagogo obebonga unobhala wegatsha le-ANC ngokuqashwa komzukulu wakhe njengephoyisa likaMasipala sesisuse umsindo.

Umthombo: File

Izihloko zakamuva