Ezifingqiwe zaseKZN: Kuboshwe abashayeli bamaloli abayisithupha ngokuthwala amalahle ebiwe

UCelani Sikhakhane ukulethela ezakamuva ezinohlonze ezivela KwaZulu-Natal.

OPhongolo – Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asebenza njengamalungu e-Operation Vala Umgodi abophe abashayeli abayisithupha ngemuva kokutholakala beshayela amaloli okusolakala ukuthi athwele amalahle ebiwe emgwaqeni onguthelawayeka u-N2 oPhongolo ngoMgqibelo, mhlaka-11 kuMasingana. Amaphoyisa adonswe indlebe ngamaloli asuka e-Witbank eya endaweni engaziwa e-Richards Bay. Amaloli okusolakala ukuthi abethwele amalahle okubikwa ukuthi ebiwe e-Witbank, avinjiwe. Bonke abashayeli bamaloli abayisithupha baboshiwe.

EMgungundlovu – UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uSiboniso Duma, uthi bagculisekile ngomumo wezithuthi zabafundi kanye nesimo samakhumbi ngemuva kokuhlola amabhasi angu-150 namakhumbi athwala izingane eziyisa esikoleni. Kuhlinzekwe izithuthi zabafundi abangu-77,369 obekuzodingeka bahambe amakhilomitha angaphezu kwamathathu ukuya ezikoleni ezingu-433. “Sijube i-Road Traffic Inspectorate nezinye izinhlaka zomthetho esifundazweni sonke ukuthi zihlale ziqaphile futhi zihlole izithuthi,” kuxwayisa uDuma. “Eminye imisebenzi yokugcinwa komthetho kanye nokuhlolwa kwezokuthuthwa kwabafundi kuzokwenziwa yithimba lethu le-RTI ngokuqhubekayo eziteshini ezingaphezu kuka-26.”

KwaNongoma – Sekumiwe ngomumo ukuhanjelwa komcimbi waminyaka yonke woMkhosi woSelwa ozobe ukwaNongoma uholwa yiSilo uMisuzulu kaZwelithini. ISilo samaZulu sisemgonqweni kusukela ngasekuqaleni kukaZibandlela silungiselela lo mcimbi ohanjelwa ngabesilisa bodwa ababulala inkunzi ngezandla. Ngalomcimbi kuhloswe ukufundisa abafana abasebasha nokubanikeza izeluleko zokuthi baziphathe kanjani ohambweni lwabo lokuba amadoda akhulile.

Esithombeni esingenhla: Kuboshwe abashayeli bamaloli abayisithupha ngokuthutha amalahle ebiwe.

Umthombo: SAPS

Izihloko zakamuva