UCelani Sikhakhane ukulethela ezakamuva ezinohlonze ezivela KwaZulu-Natal.
EMgungundlovu– I-DA ifuna uMnyango wezeMpilo usize odokotela abangasebenzi KwaZulu-Natal bathole umsebenzi njengoba izindawo zasemakhaya zidonsa kanzima ngaphandle kosizo lwezempilo. UDkt Imraan Keeka we-DA uthi kuyakhathaza ukuthi odokotela kumele babhikishe emigwaqeni befuna imisebenzi ekubeni abantu basemakhaya bengalutholi usizo lwezempilo. Kuleli sonto odokotela abebengasebenzi bamashele emahhovisi oMnyango wezeMpilo eMgungundlovu befuna imisebenzi.
E-Verulam – Kushone indoda ebifunelwa amacala okubulala eNanda ngesikhathi idubulana namaphoyisa e-Verulam ngoLwesine. UKhomishana wamaPhoyisa eKZN uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uphuthume endaweni yesigameko ngemuva kokubulawa komsolwa ngesikhathi elwa namaphoyisa abezama ukumbamba.
EThekwini – Babalelwa ku-4 600 abanikazi bezitolo izipaza eThekwini asebebhalisele amalayisensi amabhizinisi. Uhulumeni unikeze abanikazi bezitolo kuze kube umhlaka-28 kuNhlolanja 2025 ukuthi babhalise. Kusukela ngoLwezi, zingu-250 izitolo eseziqede zonke izinyathelo, okuhlanganisa nokulinda izinsuku ezingu-21, futhi manje sezinamalayisensi asemthethweni.
Esithombeni esingenhla: I-DA e-KZN inxusa ukuthi kuthathwe izinyathelo ezisheshayo mayelana nenkinga yodokotela abangasebenzi.
Umthombo: @_cosatu