Ezifingqiwe zaseKZN: Abamisiwe kwi-EFF sebejoyine i-MK

USihle Mavuso ubika kafushane ezinohlonze esifundazweni sonkana.

EThekwini- Ababili abebengamalungu e-EFF eMlazi naseClermont eThekwini, abasanda kumiswa ngenxa yezinsolo zokuqola abantu, sebejoyine iqembu le-MK. U-Anele Faku noBongumusa Mhlongo, abaziphikayo lezi zinsolo, bethulwe njengamalungu amasha e-MK Party Labour Desk, emele abasebenzi abaxhashazwayo.

E-Kloof – UNonkululeko Hlongwane-Mhlongo, owake waba nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, we-Rise Mzansi, usememezele ukuthi usezishiyile zonke izindima zeqembu. Uveze ukuthi noma ehamba usazoqhubeka nokweseka umbono we-Rise Mzansi weNingizimu Afrika ebandakanya bonke abantu.

EJozini – Abaphathi edamini laseJozini bazoqala ukukhipha amanzi namuhla kuze kube umhlaka-24 kuMfumfu (October) njengengxenye yohlelo lwaminyaka yonke lokugcina amanzi abakwazi ukuwalawula. Imiphakathi yendawo iyaxwayiswa ukuthi iqaphele eduze kwemifula ngenxa yamazi azogcwala khona.

EThekwini – Inhlangano yamahhotela omhlaba, iSouthern Sun, isiwine isicelo sokusebenzisa i-Elangeni and Maharani Hotels ogwini lolwandle lwaseThekwini iminyaka engu-50 ezayo, kulandela ukuncintisana ngezicelo zethenda.

E-Verulam – Ugwetshwe iminyaka engu-25 ebhadla ejele uDavid Mkhanyisi Ntshulana ongumqeqeshi webhola ophinde abe ngumfundisi osolwa ngokudlwengula abafana abancane. Lesi sigwebo sihlobene nokudlwengulwa komfana oneminyaka eyisishiyagalolunye eMhlasini ngoMandulo odlule.

Esithombeni esingenhla: Ababengamalungu e-EFF bamukelwe ku-MK ngoLwesine.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva