UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva ezenzeka Kwa-Zulu Natal.
E-Dundee – Iqembu leNkatha Freedom Party seliqoke imeya entsha kumasipala waseNdumeni esikhundleni sikaSiyabonga Ndlovu, osolwa ngokuzumeka ngesikhathi kunemihlangano yomkhandlu. UMcebo Andrew Mkhize wazalelwa eNdumeni mhla ziyisishiyagalombili kuMandulo ngo-1998 – esigodini saseMatamane, e-Buyaphile Area, esigcemeni sesihlanu. Wathola u-N6 ku-Electrical Engineering ekoloshi eMajuba, wathola nesitifiketi esiphezulu se-Public Management e-Mancosa. Uqhubeke nokuba isikhulu sentsha eMnyangweni wezinsiza zomphakathi kumasipala wesifunda uMzinyathi waphinde waba ngusihlalo we-IFP Youth Brigade eNdumeni.
EThekwini – UNdunankulu wase-KZN uThamsanqa Ntuli useqinisekise umkhakha wezokwakha ukuthi usebenza kanzima ukulwa nezigebengu eziqola abezinkontileka zokwakha esifundazweni. UNtuli ubekhuluma engqungqutheleni yokuqala yezokwakha i-National Construction Summit ebiseNkosi Albert International Convention Centre ngoLwesibili. Le ngqungquthela ingumzamo ohlangene wokubhekana nokuhlaselwa kwezindawo, ukuqhwagwa, kanye nobugebengu emkhakheni wezokwakha. Ezinye izikhulumi kule ngqungquthela nguNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda uDean Macpherson, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu, iPhini likaNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Ashor Sarupen, iPhini likaNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda uMnuz Sihle Zikalala noSomlomo kamasipala weTheku uMnuz Thabani Nyawose.
E-Richards Bay – Abaholi be-Democratic Alliance baye emiphakathini beyobika ngokubamba kwabo iqhaza kuHulumeni woBumbano wesiFundazwe. Iqembu likholelwa ekutheni ukubika kubahlali besifundazwe ngenqubekelaphambili ye-GPU kubalulekile ukugcina ingxenye yabahlali yenqubo yentando yeningi kanye nohlelo lokubusa. Kusukela ngomhlaka-16 kuLwezi baqale uhambo lokuvakashela izindawo ezahlukene okubalwa kuzo i-Richards Bay, eMthunzini kanye naseMnambithi. Lolu hambo lokuhambela isifundazwe lwabamele i-DA ku-GPU kanye nobuholi be-DA eKZN luhlose ukuxoxisana nezakhamizi bese bezibikela. NgoMsombuluko abaholi bebeseMnambithi.
Esithombeni esingenhla: Imeya esanda kukhethwa kamasipala waseNdumeni, uMcebo Mkhize, oneminyaka engama-27 kuphela.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
