
Menzi Magubane
I-Orlando Pirates ishaye iqembu lase-Libya, i-Al Ahli Tripoli ngo 5-0 ekuhambeni nokuyinika ithuba elibalulekile empini yokungena kowamanqamu e-CAF Confederation Cup.
AmaBhakabhaka okuyiqembu lokugcina laseNingizimu Afrika elisasele emqhudelwaneni lishaye igoli kungakapheli imizuzu eyishumi ngesikhathi umdlali wasemuva u-Innocent Maela efaka igoli ngekhanda.
Kusuka lapho i-Pirates ikhombisile ukuthi ifuna ukuwunqoba umdlalo.
UGoodman Masela ushaye igoli lesibili leZimnyama ngomzuzu ka-29.
Lo mphumela unikeze abaqeqeshi bePirates ukuphefumula njengoba benengcindezi kulandela ukungadlali kahle kweqembu kwiligi.
Abalandeli be-Pirates abaneme ngabaqeqeshi ikakhulukazi ngendlela amaBhakabhaka edlale ngayo kwi-DStv Premiership kule sizini.
Nokho ukugijima kwabo kwi-Confed Cup kube indaba ehlukile.