Ezibuhlungu kwi-Ivory Coast kumiswa unozinti wabo

Dylan Bettencourt

Igqemeke engeqiwantwala i-Ivory Coast emva kokumiswa kukanozinti wayo wokuqina uSylvain Gbohouo kulandela ukutholakala ukuthi usebenzisa izikhuthazi. 

Lezi zindaba zivele ngaphambi kokuba i-Ivory Coast idlale umdlalo wayo wokuqala we-Afcon ne-Equatorial Guinea.

“I-FIFA ingakuqinisekisa ukuthi ikomidi lokuqondisa izigwegwe limise uSylvain Gbohouo okwesikhashana ngesizathu sokuthi usebenzisa izikhuthazi,” kusho okhulumela i-FIFA etshela abe-AFP.

Ukumiswa kwakhe kuqinisekiswe i-Ivorian Football Federation.

Umqeqeshi  weqembu, uPatrice Beaumelle, udalule ukuthi batshela  unozinti ukuthi akabonane nodokotela wamehlo ngoba kunzima ukubona ibhola uma  liqhamuka kude esepalini, okuyinto engadalwa ukungaboni kahle kwakhe emehlweni. UGbohouo babe sebemyalela ukuthi athole ukwelashwa.

“Kuthe uma bemhlola khona lapha ngemuva komdlalo ezinyangeni ezimbili ezedlule bathola okuthize egazini lakhe  ngemuva kwalokho badlulisela icala phambili ngokushesha. Lagcina luphelele lapho lolu daba,  kodwa ngemuva kwalokho baphinde bathola okuthize egazini lakhe ngoLwezi nakuba bengatholanga ukuthi ngabe lokhu kwenziwa imishanguzo ayithathayo yini,” kusho uBeaumelle esithangamini nabezindaba e-Cameroon.

“Besinethemba lomphumela omuhle, kodwa ngithole izolo ebusuku ukuthi i-FIFA iyakusekela ukumiswa kwakhe izinsuku ezingu-20 zokudlulisa icala, futhi sesikwenzile lokho.”

Lo nozinti oneminyaka engu-33 ubeyinsika eqenjini le-Elephants, emidlalweni yokuhlungela i-Afcon kanye neminye.

I-Ivory Coast kulindeleke ukuba idlale ngokuzimisela kodwa ukulahlekelwa ngunozinti wayo kuyishwa elikhulu njengoba ingelinye lamazwe abhekeke ukuba  angaphakamisa indebe.

Njengoba benabadlali abaningi abadlala emazweni ahlukene ohlangothini lwabo, i-Ivory Coast kulindeleke ukuthi ikhululeke eqoqweni layo elihlanganisa i-Equatorial Guinea, i-Sierra Leone kanye ne-Algeria.

Umthombo wesithombe : @NewsIn24 

Izihloko zakamuva