Ezepolitiki: UMotsepe angaba yithemba lokugcina le-ANC

Abaseka uRamaphosa bayahluleka ukuvimba uPaul Mashatile ekubeni uMengameli kanti abanye bathi uPatrice Motsepe kungenzeka kube yilona ithemba labo lokugcina, kubhala uZukile Majova kwikholamu yakhe ethi-Real Politics.

Abasekeli bakaRamaphosa abanaye umuntu onamandla ongavimba uPaul Mashatile ekuthatheni i-ANC ngo-2027.

Abanye kuleli qembu sebebheke kuPatrice Motsepe usomabhizinisi ocebile ongenawo amahlazo ukuthi angaba ithemba labo lokugcina.

Iqeqebana le-ANC elake laseka iphupho likaNelson Mandela leNingizimu Afrika ebumbene seliphinde labhekana nenkinga yokuqoka ubuholi kanti abanye sebebeke amathemba abo kusomabhizinisi uPatrice Motsepe.

Kusukela uCyril Ramaphosa ethathe izintambo ngo-2017 ube ngowokugcina onamandla ukuzama ukuvimba inkohlakalo ku-ANC. Ukuphatha kwakhe kulandele iminyaka eyisishiyagalolunye yenhlekelele ngaphansi kukaMnuz Jacob Zuma, lapho kwakhwabaniswa khona izimali zezwe kwashabalala ukwethenjwa umphakathi.

URamaphosa usebenze kanzima ukubuyisa lelo themba, wafaka uZuma ejele, waxosha owayenguNobhala Jikelele u-Ace Magashule, wahlakaza neqembu i-Radical Economic Transformation elalizama ukulawula umbuso.

Uze waletha i-Democratic Alliance ukuze akhe uhulumeni wobumbano kuzwelonke, okwaba isinyathelo esiphuthumayo sokuhlenga izwe ezinkingeni ezidalwe i-ANC.

Kodwa isikhathi sikaRamaphosa siyaphela. Ushiya isikhundla ngo-2027 kanti ongangena esikhundleni sakhe yiPhini likaMengameli uPaul Mashatile indoda ezungezwe amahlazo.

UMashatile akekho ejele, kodwa uyamataniswa nokukhwabanisa, ukusetshenziswa kabi kwemali yomphakathi kanye namacala amaningi.

Uma uMashatile ethatha izintambo, uhulumeni wobumbano kuzwelonke uzobhidlika futhi iminyango ingase iphinde ivuleleke kwinkohlakalo nokuphanga okukhulu.

Uhlangothi lukaRamaphosa olumesekayo alinawo umuntu onamandla elingamuqoka.

USihlalo we-ANC kuzwelonke uMnuz Gwede Mantashe uthe ngeke angenele isikhundla sobuMengameli.

UNobhala-Jikelele uFikile Mbalula ukhona kodwa akathembekile futhi maningi amathuba okuthi aseke uMashatile kunokumphosela inselelo.

OwayenguNgqongqoshe wezempilo uZweli Mkhize waba nokungazwani noRamaphosa kanti angeke bamukhethe. Amanye amagatsha e-ANC afuna uMkhize abuye, kodwa akaseyena umuntu ongakha ubumbano kuleli qembu.

Ngenxa yokuphelelwa ithemba, ikhempu kaRamaphosa yafaka umakadebona we-ANC uJeff Radebe ukuthi ahole leli qembu KwaZulu-Natal, lapho iqembu likaZuma uMkhonto Wesizwe lizuza khona. Kodwa uRadebe akanaso isipiliyoni sokuheha abalandeli be-MKP.

Njengoba iqembu linesiphithiphithi futhi engekho umuntu ozongenela ukhetho, abalandeli bakaRamaphosa sebebheke ngaphandle kwezepolitiki.

Osomabhizinisi ababengamataniswa ne-ANC abafana noTokyo Sexwale noMathews Phosa sebezamile bahlolwa kodwa abanawo amandla.

Behlulekile ukukhulisa ukwesekwa kweqembu e-Gauteng ngesikhathi somkhankaso wokhetho lwango-2024, futhi ithonya labo kwezombusazwe liya ngokuya lishabalala.

Manje sebebheke kuPatrice Motsepe isigwili sezimayini kanye nomphathi we-African Rainbow Minerals.

UMotsepe, ophinde abe nguMengameli we-Confederation of African Football, uhlonishwa ezwenikazi futhi uyahlonishwa nakuleli. Akanawo amahlazo, uthathwa njengomholi okhaliphile futhi ujabulela ukwesekwa ngabalandeli bebhola ezweni lonke.

Nakuba engenawo amava ebuholini be-ANC, uMotsepe ungumndeni ,ungumlamu kaMengameli Ramaphosa.
Futhi akukhona konke lokho anakho.

UMotsepe ungusozigidigidi. Ukungenela isikhundla sikaMengameli we-ANC akushibhile kungabiza ngaphezu kuka-R1 billion ukwenza umkhankaso oyimpumelelo.

Kusukela ekukhokheleni uhambo namahhotela ezinkulungwane zezithunywa, ukuhamba imibuthano emikhulu izikibha zamahhala, ukudla nezokuthutha ivoti ngalinye liza ngentengo.

Umbuthano owodwa wabantu abangaphezu kuka-100,000 ungabiza u-R50 million.

Ngo-2017, umkhankaso kaRamaphosa we-CR17 waqoqa imali elinganiselwa ku-R400-million ukumsiza ukuthi ashaye uNkosazana Dlamini-Zuma.

Eminyakeni eyishumi kamuva, izindleko zokuwina zingaphinda kabili kulokhu kanti uMotsepe unayo imali.

Okubaluleke nakakhulu, kungenzeka kube nguyena kuphela umuntu ongagcina umbono kaRamaphosa uphila futhi avimbele i-ANC ukuthi ingaphindeli ebumnyameni.

Kodwa noma esenemali, uzodinga ukwesekwa ngokugcwele yiqembu likaRamaphosa, okuyimanje elilawula cishe u-55%.

Uma bemlandela, uMotsepe angase angenele njengomuntu wangaphandle ozosindisa iqembu, usomabhizinisi osephenduke uMesiya kwezombusazwe.

Ukungena kukaMashatile kungaba yingozi kakhulu.

Osesithombeni esingenhla: UPatrice Motsepe

Umthombo: X

Izihloko zakamuva