Izimali zezinhlekelele zisondeza osopolitiki abakhohlakele abaphanga ngesikhathi izisulu zezikhukhula zilinde ezikoleni nasemasontweni ukuze zithole usizo olungafiki, kubhala uZukile Majova kwisahluko sezepolitiki.
Izikhukhula zihlasele e-Eastern Cape futhi, njengenjwayelo, impendulo kahulumeni ukuphonsa imali ezinkingeni futhi enethemba lokuthi zizolungiswa.
Kushone abantu abantu abangu-79. Zingaphezu kuka-6,000 izingane zesikole ezithintekayo ezinye zazo ziphoqeleke ukuthi ziphume emakubo kanti njengamanje zilala ezikoleni, emasontweni nasemahholo omphakathi aminyene.
Esikhundleni sokuthi abantu bathole usizo oluphuthumayo, sebeqalile osopolitiki bazingela imali.
Lokhu akukhona nje ukungabi nathemba. Kuyiqiniso, eNingizimu Afrika, uxhaso lwezinhlekelele isiyizinsiza kumasela agqoka amasudi.
Uhlelo olusha lukahulumeni lokusiza ezinhlekeleleni lubandakanya ukwesekwa kwezimo eziphuthumayo ezifundazweni ezine okubalwa i-Eastern Cape, iKwaZulu-Natal, i-Free State kanye ne-Western Cape.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uVelenkosini Hlabisa umemezele ukuhlukaniswa kwenhlekelele kazwelonke ukuze kusheshiswe uxhaso. Uthe inhloso ukweqa ukubambezeleka ekumemezeleni inhlekelele nokuvumela iminyango ukuthi isukume ngokushesha.
Kodwa lokhu kuxhamazela kokukhishwa kwezimali kuvula umnyango wenkohlakalo.
Sike sakubona lokhu ngaphambilini. NgoMbasa ka-2022, ngemva kwezikhukhula ezabulala abantu KwaZulu-Natal, uNgqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godongwana wabeka eceleni u-R1 billion wemali yokusiza kwizinhlekelele. Wayisabalalisa kwizibonelelo ezahlukene ukuze kulungiswe ingqalasizinda, kwakhiwe izindlu zezimo eziphuthumayo kanye nokweseka omasipala.
Kodwa kuze kube namuhla, amakhulu ezisulu asabhajwe ezindaweni zokukhosela zesikhashana. Okwamanje azikho izindlu zomxhaso ezakhiwe. Futhi ngesikhathi ebuzwa ukuthi kwenzekeni ngale mali, ngisho noNgqongqoshe omusha wezokuThuthukiswa koMnotho esifundazweni, uFrancois Rogers, akabanga nazimpendulo.
Imali yashabalala njengezigidigidi ezaphangwa ngesikhathi senhlekelele ye-Covid-19.
Khumbula amathenda ezimo eziphuthumayo zezikhukhula avele ngo-2020? Izinkampani ezingaphezu kuka-90 zavela ngobusuku obubodwa futhi zazisiza ngemali engaphezu kuka-R2.2 billion. Enye yaleyo mali yebiwa ngabasebenzi basehhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa.
URamaphosa akaziwa ngokuqinisa isanda ekulandeleni ozakwabo. Kunalokho, izikhulu ezikhohlakele zikhululekile kuyilapho izisulu zezinhlekelele zihlupheka ngaphandle kwezidingo eziyisisekelo.
Uhlelo lonakele .
Izimali zezinhlekelele ziheha izigebengu ngoba zihamba ngokushesha, kuba namasheke ambalwa kunamathenda ajwayelekile. Embangweni wokuthola izinkontileka, osopolitiki bafuna izindodla zemali. Izandla ziyangcoliswa, abampofu basale dengwane bengatholi lutho.
Manje, uhulumeni kaRamaphosa ulungiselela ukufaka enye imali. NgoNdasa kulo nyaka, uNgqongqoshe uHlabisa umemezele uxhaso luka-R1.4 billion lwezinhlekelele. IKwaZulu-Natal ithole isamba esikhulu kunazo zonke: u-R76 million wokusiza ngokushesha, u-R149 million wokulungisa ingqalasizinda yesifundazwe, kanye nezinkulungwane zezigidi ezengeziwe ukuze umasipala uthuthuke.
Kodwa ingabe imali izofinyelela kubantu abayidingayo?
Ezimweni eziningi, izifundazwe ziyehluleka ngisho ukufaka isicelo sezimali. Bakhala ngokuthi uMnyango wezeziMali kuzwelonke ufuna amaphepha amaningi. Ngakho abenzi lutho. Futhi abantu bayaqhubeka behlupheka.
Uhulumeni wase-Eastern Cape, oholwa nguNdunankulu u-Oscar Mabuyane, unomlando omubi kakhulu. Kwakuwuhulumeni ofanayo owawubhekele ukuphangwa kwemali okwakuhloswe ngayo umngcwabo kaNelson Mandela. Benza okufanayo nangezimali zokungcwaba uWinnie Madikizela-Mandela.
Izigidi zebiwa ngesikhathi sezimo eziphuthumayo ze-Covid-19. OKlebe nophiko oluphenya amacala akhethekile basajaha le mali. Kodwa bambalwa abaye ejele.
Manje, uMabuyane usecela enye imali yezinhlekelele. Uthi lesi sifundazwe asinazo izinsizakusebenza futhi sithwele kanzima. “Uma kwenzeka izinto ezinjengalezi zenzeka siyehluleka,” usho kanje kuleli sonto. “Siba senkingeni.”
Uqinisile ngento eyodwa. Abantu badinga usizo manje. Kodwa uMnyango Wezezimali Kazwelonke akumele ube budedengu.
Lokhu akukhona mayelana nokumisa ukwesekwa. Kumayelana nokumisa ukukhohlakala.
Uhulumeni kumele aqinisekise ukuthi izinto zihamba ngendlela. Kumele enze zonke izinkontileka zibe sesidlangalaleni. Kulandelwe isenti ngalinye, kwenziwe ukuhlola okujulile. Futhi kushushiswe abaphangi ngisho noma beseqenjini likaMengameli.
Ngoba uma kunento eyodwa osopolitiki abakhohlakele abayithanda ngaphezu kwamandla, yimali yezinhlekelele. Futhi uma singanakile, bazozitika ngayo kuyilapho abanye bethu bengcwaba abathandiweyo babo.
Esithombeni esingenhla: UMengameli Cyril Ramaphosa ehlola umonakalo odalwe yizikhukhula eMthatha.
Umthombo wesithombe: GCIS