Iqembu likaMnuz Jacob Zuma, likhula ngamandla ngemuva kokhetho lwango-2024 futhi linqoba kakhulu okhethweni lokuchibiyela ezweni lonke, kubhala uZukile Majova esahlukweni sakhe i-Real Politics.
UJacob Zuma oneminyaka engu-83 usenamandla kakhulu kanjalo neqembu lakhe.
Isonto nesonto, iqembu lakhe leMKP lilokhu lizuza amandla, ngisho nabahlaziyi bezepolitiki sebethukile ngokuma kwalo nangemuva kokhetho.
I-MK isinqobe amawadi amahlanu ezifundazweni ezintathu kuze kube imanje iyona ehamba phambili okhethweni lokuchibiyela lwalo nyaka.
KwaZulu-Natal inkundla yezepolitiki isishintshile. Akuseyona i-ANC ne-IFP wonke umuntu ebhekene ne-MK.
Futhi i-MK iyawina.
Ngokombono, ukukhuphuka kweqembu eliholwa ngabantu abamnyama eliphonsela i-ANC inselelo kufanele kube kuhle kwintando yabantu. Kodwa leli akulona iqembu elivamile.
Lasungulwa nguJacob Zuma indoda esolwa ngeminyaka eyisishiyagalolunye egcwele inkohlakalo nokulawulwa kombuso. Imali engaphezu kuka-R1-trillion yanyamalala ngaphansi kombuso wakhe.
Manje usebuyile, kanye nobuso obuningi obufanayo.
Kunokuba baziphendulele, baklonyeliswe ngezihlalo ePhalamende.
Ekuqaleni i-MK ibibukeka njengeqembu elinesiphithiphithi. UZuma ubelokhu exosha aphinde afake kabusha oNobhala noMgcinimafa. Ngemuva kokhetho, leli qembu lahambisa amagama ohlu ahlukene lwabantu abazoya ePhalamende.
Akekho owayazi ukuthi ubani ophethe. Yayingekho imibono yezombangazwe, ingekho imigomo ecacile namasu ezwe.
Kwabe sekufika uFloyd Shivambu.
Lowo owake waba omunye wabasunguli be-EFF ulethe ukuqina nokuhleleka .Wake wakha inhlangano yabafundi ye-EFF kusukela ekuqaleni futhi uyakwazi ukuthi yakhiwa kanjani inhlangano yezepolitiki.
Ngaphakathi ekhempini kaZuma, akekho ofana noShivambu ekuhleleni izinto.
Indodakazi kaZuma uDuduzile Zuma-Sambudla yazama ukuphakama, kodwa yehluleka ukuxhumana nabantu futhi ayisikhulumi isiZulu ukuyinto ebalulekile eKZN.
UShivambu, ungowaseLimpopo, kodwa ubebizwa njengomuntu wangaphandle abantu bakaDuduzile. Bazamile ukumkhipha izinyanga.
Kodwa uZuma akayingeni leyo. Uyazi ukuthi uShivambu nguyena obambe iqembu ukuthi liqine.
Ngokusemthethweni, lowo owayenguMengameli wamajaji uJohn Hlophe uyisekela lomholi we-MK kodwa uvalelwa ngaphandle ezintweni eziningi.
UHlophe uthwele kanzima ngeqhaza lakhe elisha njengomholi wamaqembu aphikisayo ePhalamende okuyisikhundla abengasilungele.
Amandla angempela akuShivambu, osebenza njengoNobhala-jikelele futhi othandwa uZuma.
Ngenxa yobuholi bukaShivambu, uZuma uhoxile emsebenzini wansuku zonke futhi manje usechitha isikhathi esiningi nabazukulu bakhe emzini wakhe oseNkandla obiza u-R250 million.
Impilo kaZuma ibikhathaza kakhulu ngesikhathi somkhankaso. Wawa ekhaya futhi ubebukeka ebuthakathaka. Abaningi bebengabaza ukuthi uzofika ekupheleni konyaka.
Usebuyile futhi ubonakala kwimbuthano enempilo namandla.
Abangaphakathi bathi ubukeka emncane ngeminyaka eyishumi.
Sezaphela izinsuku abantu lapho babevele bafike eNkandla. Kulezi zinsuku, abalandeli kumele badlule eziteshini zeqembu ukuze bathole umhlangano.
I-MK akuselona nje iqembu ebelibukeka kunesiphithiphithi. Lihlala lisematheni, liheha abalandeli abasha liphinde lihlule amaqembu amadala okhethweni lokuchibiyela.
I-ANC, i-DA noma i-IFP abakwazi ukuziba lokhu.
UZuma usanda kusichitha isimemo se-ANC sokuthi baqale kabusha izingxoxo ngohulumeni wobumbano lwesizwe.
Abaholi be-MK bakholwa ukuthi ngokuhlanganisa ukwesekwa eKZN, bangawubhidliza lo hulumeni wobumbano okhona njengamanje owakhiwe yi-ANC, i-DA ne-IFP.
Badinga ezinye izihlalo ezintathu kuphela esiShayamthetho saseKZN ukuze bathathe izintambo kuhulumeni wesifundazwe.
Kuleli sonto, i-ANC ithumele uNobhala Jikelele uFikile Mbalula kanye nethimba lesigungu esiphezulu kuzwelonke eKZN ukuyobheka ukuthi bangavuselela kanjani ukwesekwa.
I-MK isivele yehlise ingxenye yamavoti e-ANC esifundazweni isuka ku-55% yaya ku-17% yawina amawadi amathathu e-ANC yize leli qembu litshale izikhulu ezinjengoJeff Radebe noMike Mabuyakhulu.
UZuma uwuchithile umqondo wokujoyina i-GNU, wathi unobuthi kakhulu. Abangaphakathi ku-MK bathi ukuxhunyaniswa ne-GNU kuzolimaza isithunzi seqembu kubantu abathukuthelele i-ANC.
Abaningi abadikibele i-ANC, bathi amaqembu aku-GNU athathwa njengangabasiza be-ANC abazoyikhuphula ukuze ibambelele emandleni yize yehluleka.
I-DA, manje engozakwethu besibili ngobukhulu be-GNU, kuzomele ibuyekeze kabusha ukuthi umfelandawonye ubalulekile yini ikakhulukazi njengoba sekusondele ukhetho lohulumeni basekhaya.
Uma abaseka i-DA bengaziboni izimpawu ezicacile kuhulumeni, bangase babone i-DA njengeqembu eliphakamisa i-ANC.
UZuma ubona i-GNU njengesitsha esinoshevu. Ukholelwa ukuthi i-MK ingafinyelela kuhulumeni ngokwayo.
Futhi uma i-MK igcina iphethe, abantu bazosola uShivambu ngokwenza i-State Capture 2.0 ukuthi siphumelele.
Ngoba ngaphandle kwakhe, uZuma ubengeke abe neqembu elikhulayo azolihola.
Esithombeni esingenhla: OwayenguMengameli uJacob Zuma kanye noFloyd Shivambu
Umthombo: Umkhonto Wesizwe