Ezepolitiki: Uhulumeni wobumbano uya ngokuya uyaqina ngokubambisana

Ngemuva kwezinyanga zezinxushunxushu, uHulumeni Wobumbano Lwesizwe ugcine usungule imithetho yokuxazulula izingxabano ukuze isize ukuvimba izimpi zingabhidlizi ubumbano oselwakhiwe, kubhala uZukile Majova.

Kungakapheli sikhathi esingakanani umholi we-DA uNkk Helen Zille usanda kugxeka i-ANC ngokuhluleka ukwenza uHulumeni Wobumbano Lwesizwe lusebenze.

Njengabantu abaningi baseNingizimu Afrika, uZille wayecikwe ukuhamba kancane kwenqubekelaphambili ye-GNU ekulungiseni umnotho nokudala amathuba emisebenzi kwizakhamizi eziphelelwe ithemba nezingasebenzi.

Uhulumeni wobumbano wasungulwa ngo-2024 ngezithembiso eziqinile: ukukhulisa umnotho, ukuheha abatshalizimali kanye nokusimamisa izwe. Kepha ngemuva kwezinyanga ezingu-15, ukuntuleka kwemisebenzi kusalokhu kuphezulu futhi izwe lisabambene empini yezohwebo ne-United States.
INingizimu Afrika ayikabi nalo inxusa e-Washington.

Owayeyinxusa u-Ebrahim Rasool waxoshwa ngemuva kokuthuka uMengameli uDonald Trump. OwayeyiPhini likaNgqongqoshe wezeziMali uMcebisi Jonas, oqokwe njengenxusa eliyisipesheli, kodwa wanqatshelwa i-visa yaseMelika.

Noma kunjalo, amaqembu e-GNU achithe isikhathi esiningi elwisana wodwa kulokulungisa izwe.

Bashayisana ngohlelo lwe-National Health Insurance, i-Basic Education Laws Amendment Bill neziphakamiso zokuthi umbuso uthathe umhlaba ophethwe abantu abazimele kodwa ongasetshenziswa ngaphandle kwesinxephezelo.

Isabelomali sibambezeleke kabili ngenxa yokuthi amalungu e-GNU awakwazanga ukuvumelana ngokuthi intela l kufanele inyuke yini.

I-DA yaze yaphuma enkulumweni ebizwa nge-national dialogue inkundla yokuxoxisana eyabiza u-R740 million okwakuhloswe ngayo ukuqoqa imibono yomphakathi ngekusasa leNingizimu Afrika. Yethulwa njenge-Codesa yesimanje noma inqubo entsha ye-Freedom Charter.

Muva nje, i-Patriotic Alliance isabise ngokuphuma ku-GNU uma iPhini likaMengameli wayo uKenny Kunene lingabuyiselwa ekomidini leMeya yaseGoli.

UZille uthe lezi zingxabano eziqhubekayo zidalwa ukungasungulwa kohlelo olucacile lokuxazulula izingxabano.

Amaqembu ayesevumelene ukwakha i-Clearing House uhlaka lokuxazulula izingxabano kodwa kwathatha isikhathi esingangonyaka ukuthi iqhubeke.

UMengameli uCyril Ramaphosa ujube iPhini likaMengameli uPaul Mashatile ukuthi liqhube i-Clearing House, kodwa ayizange ibe khona imihlangano evamile futhi akukho mithetho eyamukelwa kuze kube yile nyanga.

Iqembu elisebenzayo lethule imithetho yokuqala ngoMfumfu ka-2024, kodwa amalungu e-GNU awakwazanga ukuvumelana ngamaphuzu abalulekile ikakhulukazi mayelana nokuthathwa kwezinqumo nokuthi kwenzinjani uma kungavumelwana.

Izinto zaba mapeketwane kangangokuthi oyi-Secretariat ku-GNU wabiza uchwepheshe wezomthetho womthethosisekelo uProfessor Jaap de Visser ukuba asize ukulungisa izinto.

Izinkinga ezazinzima kakhulu kwakuyizigaba 18 no-19.3 zesitatimende zenhloso ye-GNU.

Isigaba somthetho 18 sithi izinqumo kufanele zithathwe ngokuvumelana kodwa senze okunye ukuvumelana uma lokho kungaphumeleli. Isigaba somthetho 19 sicacisa ukuthi lokho kusebenza kanjani: uma amaqembu emele okungenani izihlalo ezingu-60% ePhalamende evuma, futhi wonke amaqembu abe nezwi elifanele, isinqumo singama.

Kuleli sonto, uMashatile ugcine ememezele ukuthi ithimba elisebenzayo seliwuqedile umsebenzi walo nokuthi iGNU Clearing House Mechanism yamukele imigomo yokubhekisisa.

Nakhu abavumelana ngakho:
I-Clearing House izokwenza izincomo kuphela hhayi izinqumo.

Kuzobanjwa imihlangano yanyanga zonke ukuvimbela izinkinga ukuthi zingalawuleki.

Ukungaboni ngaso linye okungaxazululeki kuzoya esigcawini sabaholi bezepolitiki, hhayi kuMengameli.

Umthetho omusha uvumela amaqembu ukuthi avumelane ngokungavumelani uma kungekho ukuvumelana.

Izindaba zasekhaya nezesifundazwe ngeke zisingathwe i-Clearing House.

Amalungu avumelene ngokuthi isitatimende senhloso ye-GNU sihlala siyisisekelo sazo zonke izinqumo nokuthi i-GNU kuphela ngokwayo noma i-Political Leaders Forum engenza izinqumo eziyisibopho.

Imithetho emisha manje isibheke eSigcawini Sabaholi Bezepolitiki ukuze yamukelwe okokugcina. Noma yiziphi izinguquko ezizayo zizokwenziwa ngokuchitshiyelwa njengoba lo mbhalo uthathwa njengombhalo ophilayo.

Kuthathe izinyanga ezingu-15 ukufinyelela kuleli qophelo. Lokho kuyisikhathi eside kakhulu ezweni elinabantu abangaphezu kwezigidi ezingu-16 abangasebenzi kanye nezigidi ezingu-28 zabantu abathembele kwizibonelelo zikahulumeni.

Imali esetshenziswa emphakathini isivele ibiza u-R422 billion ngonyaka futhi cishe izokhuphuka uma sekuqaliswe isibonelelo semali engenayo.

INingizimu Afrika ayikwazi ukukhokhela uhulumeni wobumbano ongahlelekile.

Ukuzinza nobunye be-GNU kubalulekile ekuxazululeni izinkinga zezwe. Osopolitiki kumele bayeke ukulwa baqale ukubusa.

Ukhetho lwango-2024 lwakwenza kwacaca: abavoti abasathembi iqembu elilodwa ukuthi lilungise izwe.

Baphoqe i-ANC ukuthi isebenzisane nabanye ngokwehlisa iningi layo lisuka ku-57% laya ku-40%.

Manje sekuyisikhathi sokuthi lawo maqembu azuze lokho kuthenjwa ngokwenza i-GNU isebenze.

Esithombeni esingenhla: UMengameli Cyril Ramaphosa kanye nomholi we-DA uJohn Steenhuisen

Umthombo: GCIS

Izihloko zakamuva