Ukukhishwa kukaFloyd Shivambu eqenjini le MKP sekuqubule ukwesaba ngobuzwe futhi kungase kulimaze ukwesekwa kweqembu ngaphandle kwaKwaZulu-Natal, kubhala uZukile Majova kwikholamu yakhe ye-Real Politics.
Isikhundla sikaFloyd Shivambu sesikhashana sokuba yisikhulu esiphezulu eqenjini le-MKP sesiphelile kanti ukuphuma kwakhe sekuqubule imibuzo enzima ngobuholi bukaJacob Zuma kanye nodaba lobuzwe eqenjini.
Ukwehla kwakhe sekudale ukwesaba ukuthi iqembu le-MK aliyona inhlangano kazwelonke, kodwa iyinqola yabalandeli bakaZuma namadlelandawonye kaZuma angesikhathi esedlule sokulawulwa kombuso.
Abaningi bashaqeka ngesikhathi uZuma enxenxa uShivambu, owayehola umkhankaso owawushubile ePhalamende wokuthi akhokhe u-R8 million owasetshenziswa kulungiswa umuzi wakhe oseNkandla.
Njengelungu eliphezulu le-EFF, uShivambu uphinde wahlasela uZuma mayelana nokuhlangana kwakhe nomndeni wakwaGupta emsola ngokuba phakathi nendawo ekulawulweni kombuso.
Phezu kwalo mlando ongemuhle, ukuletha uShivambu eqenjini leMK kube umnyakazo okhaliphile kaZuma. Iqembu belingenalo uhlaka olucacile noma inqubomgomo kodwa liphumelele ngendlela emangalisayo, lithole izihlalo ezingu-58 ephalamende okhethweni lwayo lokuqala.
Isinqumo sikaZuma sokwenza uShivambu abe ngumgqugquzeli kazwelonke futhi kamuva waba nguNobhala weqembu, saphakamisa ukuthi kushintshwe indlela yobuholi. Kwakungokokuqala engenisa umuntu ongaphandle kombuthano wakhe othembekile umuntu onolwazi lwangempela lwezepolitiki.
Kuphinde kwaba yisinyathelo esisize ukuhlehla ezinsolweni zokuthi iqembu le-MK lifunza ukungezwani kwezizwe.
UMengameli Cyril Ramaphosa nabanye abaholi be-ANC baxwayise ngokuthi ukukhula kweqembu le-MK kuhlukanisa abantu baseNingizimu Afrika ngokwezizwe. Babenovalo ikakhulukazi ngokusabela kwesizwe samaZulu ekususweni kukaZuma kanye nokukhuphuka kukaRamaphosa.
Kusukela ngo-2017, iKwaZulu-Natal ilahlekelwe isisekelo kupolitiki ye-ANC kazwelonke. Ngengqungquthela yokukhetha ubuholi ngo-2022, akekho esifundazweni ongene ebuholini obuyisikhombisa obuphezulu beqembu.
Esikhundleni sokuhoxa, abeseka uZuma baphinde bahlangana. Basola iqembu likaRamaphosa ngokulahlekelwa kwabo base bethula iqembu le-MK njengekhaya le-Radical Economic Transformation forces.
Ukufika kukaShivambu kwase kushintshe kafushane leso sithombe. Ukuphakama kwakhe kubonakale njengobufakazi bokuthi i-MK ingaba yiqembu lesizwe, hhayi nje ithuluzi lokuziphindiselela kwezizwe.
Wayejutshwe ukwakha izisekelo zeqembu nokubhala umthethosisekelo walo ezama ukuliqhelelanisa nezimpi zamaqembu e-ANC.
Kodwa zisuka nje, wayegadlwa iqembu elinamandla eliholwa yindodakazi kaZuma uDuduzile. Lelo qembu selimphushele ngaphandle.
Iqembu limemezele ukukhishwa kukaShivambu kuleli sonto, futhi kungenzeka ukuthi uZuma wenze iphutha lakhe elikhulu okwamanje.
Lesi sinqumo siqinisekisa obekushiwo abaningi abaphikisayo, okuhlanganisa ne-EFF, ukuthi uZuma usebenzisa abantu futhi uyabalahla uma bengasayifezi inhloso yakhe.
UZuma wake wenza okufanayo nakuRamaphosa. Wambuyisa ebhizinisini ukuze asebenze njengesekela lakhe ngokungalungile ecabanga ukuthi angamulawula. Manje, umlando ubukeka uziphinda ngoShivambu.
Yize iqembu le-MK lisekwa ezingxenyeni ezithile zase-Gauteng, e-North West naseMpumalanga, iningi labantu lisemadolobheni anezimayini nasemahostela agcwele abokufika baKwaZulu-Natal.
Ubuholi bulokhu bugcwele amadlelandawonye kaZuma kusukela ngesikhathi sokulawulwa kombuso kanye nabantu abafanayo abeseka imibhikisho ephikisana nokuboshwa kwakhe ngo-2021, okwaholela ekushoneni kwabantu abaningi ngoNtulikazi.
Lesi sithombe esikhulayo sezizwe kungenzeka silahlekisele iqembu ekutheni losekelwe izwe lonke.
Izifundazwe i-Eastern Cape, i-Western Cape, i-Free State, I-Northern Cape, iLimpopo ngisho nezingxenye ze-Gauteng azikwazi ukubekezelela ipolitiki yezizwe. Abavoti abaningi abansundu bakwala ukucwasa ngokwezizwe emashumini eminyaka adlule futhi mancane amathuba okuthi basekele iqembu elibonakala liphinde likuvusa lokho.
Kumanje abake baba ngamalungu e-ANC njengo-Ace Magashule, owake wabonakala njengoNobhala-Jikelele we-MK, sebekhethe ukusungula awabo amaqembu esikhundleni.
UMagashule ushiye iminyango ivilekile ngokusebenzisana ne-MK esikhathini esizayo, kodwa isinqumo sakhe sokuhamba yedwa sikhombisa imifantu emaqenjini abizwa nge-black party.
Ukuhamba kukaShivambu kuthumela umyalezo wokuthi i-MK akuyona eyawo wonke umuntu nokuthi abaholi abangewona amaZulu bangase bangalitholi ikhaya kulo.
Iphinde iveze nokukhathazeka ngokuthi iqembu lizokwenza kanjani ePhalamende. Kuze kube manje, ikhokhasi ye-MK izabalazile ukuba yizwi eliphikisayo eliqinile.
Ukube bekuholwa kangcono, ikhokhasi ye-MK ibingahamba phambili ekulweni nokuphakanyiswa kwe-Value Added Tax kanye nokukhuphuka kwentela kaphethiloli.
Manje uShivambu, ongelinye lamaLungu ePhalamende ambalwa anesipiliyoni esikhungweni se-MK, angase abekwe eceleni futhi.
Umbono wami uthi uShivambu uzogcina ebuyele ku-ANC kune-EFF.
Kodwa okokuqala, uzohlala ePhalamende njengengxenye yeqembu le-MK. Lokhu kumbeka esicongweni sokungqubuzana nomholi we-MK ePhalamende, uJohn Hlophe owayengumengameli wamajaji owaxoshwa futhi ongumngane omkhulu kaZuma.
Iqembu elihlukanisa ubuzwe elingaphakathi eqenjini le-MK kungenzeka ukuthi selinqobile okwamanje.
Kodwa ukunqoba kwabo kungase kulahlekisele uZuma amandla.
Esithombeni esingenhla: UJacob Zuma ethula inkulumo yosuku esikoleni saKwaMaphumulo, KwaZulu-Natal.
Umthombo wesithombe: Iqembu le-MK