URorisang Modiba ukulethela kafushane izindaba zansuku zonke zasemazweni omhlaba.
I-China yethule amasathelayithi okuqala angu-18 e-Qianfan, noma i-Spacesail. Inhloso ukwakha inethiwekhi yamasathelayithi angu-14,000 ukuze kuhlinzekwe i-inthanethi ye-broadband evela emkhathini. Lolu hlelo luyingxenye yesu elibanzi lase-China lokuhamba phambili emkhathini baqhudelane ne-SpaceX’s Starlink, esivele inamasathelayithi angaphezu kuka-6,000 ku-orbit. I-China ihlela ukuthumela ama-astronauts kwinyanga ngo-2030.
USA – UCardi B usanda kwabelana ngemininingwane yengozi eyenzeke ngokuphazima kweso ecishe yaholela ekuphuphumeni kwesisu sengane yakhe yesithathu. Ebhala ku-X, lo mrepha uchaze ukuthi lesi sigameko simshiye ekhubazekile okwesikhashana futhi sabangela ukukhathazeka okukhulu ngokukhulelwa kwakhe. Yize esaba, uqinise abalandeli ukuthi ingane yakhe ayilindele nomyeni wakhe u-Offset ayinankinga. UCardi B uxoxe ngokuphathwa kwakhe izinhlungu, encokola ngokuthembela kwakhe ku-morphine kanye nezingozi ezingaba khona zokulutheka. Akazange anikeze eminye imininingwane ngengozi noma ukululama kwakhe.
E-Western Asia – Amasosha ama-Kurd avela e-Syrian Democratic Forces (SDF) agasele kwikhempu yabantu ababaleka emazweni abo e-Al-Hol eduze nomngcele wase-Syria-Iraq ezinsukwini ezidlule, ethungatha i-Islamic State (IS) kanye nalabo abathunjiwe. Amasosha abehlome ngama-body armour, izikhali ezimboziwe, iziqhumane, namafulegi e-IS afihlwe emhubheni ngaphansi kwekhempu. Phakathi kwezakhamuzi, bathole abesifazane nezingane, abanye babo babethunjwe e-Yazidi i-IS eminyakeni eyishumi edlule. UKovan, owesifazane osemusha ohlengwe kanye nezingane zakhe ezimbili, uzibize ngoYazidi. Abesifazane abahlengiwe, abesaba ukuphindiselwa i-IS, bakhishwe enkanjini ukuze kuphenywe futhi kuqinisekiswe ukuthi bangobani, okuwuhlelo olunzima ngokungabikhona kwemniningwane esemthethweni.
E-Kenya – ULarry Madowo we-CNN ushaywe isisi esikhalisa unyembezi ngesikhathi elandela imibhikisho e-Nairobi, e-Kenya. Le mibhikisho eholwa kakhulu ngabakwa-Gen Z Kenya abahlele ezinkundleni zokuxhumana, isiqhubeke amasonto ayisishiyagalombili, okuhambisana nokufungiswa kukaMengameli uWilliam Ruto kwikhabhinethi entsha. Umbhikisho uqale ngenxa yokuphikisana noMthethosivivinywa wezeZimali osuhoxisiwe, le mibhikisho isikhule yaba inhlangano enkulu, engenabaholi emelene nenkohlakalo, izindleko eziphakeme zokuphila kanye nesihluku samaphoyisa.
Isithombe esingenhla: