Ezenzeka emhlabeni wonkana: I-Tech isiza ukusindisa obhejane e-Kenya

URorisang Modiba ukulethela amangqampungqampu ansuku zonke emazweni omhlaba.

E-Kenya – Ekuseni e-Sera Community Conservancy, enyakatho ne-Kenya, uDkt Mukami Ruoro-Oundo uhole ithimba elilandelela obhejane abamhlophe okuyibona bokuqala e-Samburu County. Ukuzingela ngokungemthetho kucishe kwabaqeda laba obhejane ngeminyaka yango-1990, kodwa inani lobhejane abamnyama e-Kenya seliphindeke kabili kusukela ngo-1989, lafinyelela ku-1,900 ngoZibandlela ka-2022. I-Sera Community Conservancy yasungula indawo yokuqala egcina obhejane eMpumalanga Afrika ngo-2015, ikhulise obhejane abamnyama besuka kwabayishumi kuya ku-21. Abamhlophe abane bajoyina ngoNhlolanja ka-2024. UDkt Ruoro-Oundo ubona ubhejane omhlophe okhulelwe, uSarah wasebenzisa i-EarthRanger ukuwulandelela. Ubhejane omhlophe ngamunye unama-thegi e-GPS avumela ukuthi bakwazi ukubalandelela.

E-Belgium – Izinkulungwane zivote ezindlini zamanxusa aseNingizimu Afrika emhlabeni jikelele ngempelasonto edlule, kodwa usaziwayo wokudla nompheki uFikile Zungu uthi unqatshelwe ilungelo lakhe lokuvota. Uhlale e-Belgium kusukela ngo-2010, uZungu onenkundla yezokuxhumana enkulu futhi osephekele osaziwayo abafana noDJ Zinhle, akakwazanga ukuvota yize eke wabheka ukuthi ubhalisele ukuvota ngoMasingana. Utshelwe ehhovisi lenxusa ukuthi ubhalisele ukuvota eNingizimu Afrika, hhayi e-Belgium nakuba ayevote e-Belgium. Umphathi uxolisile kodwa wathi akukho okungenziwa.

I-North Korea – Ingoma yase-North Korea encoma uKim Jong Un njengomholi omuhle nomzali isabalele ku-TikTok abantu beyidansela futhi isibukwe izigidi zabantu. Ephendula, i-South Korea ngokuvala leli culo uthe ‘i-psychological warfare”. NgoMsombuluko, umlawuli ophethe ukusabalala kwezindaba wase-Seoul uvimbe ukufinyelela ku-‘Friendly Father’, abakubiza ngengoma ye-propaganda esabalale ezinkundleni zokuxhumana ebingalindelekile. Ingoma yaqala ngoMbasa ngesikhathi sekhonsathi e-Pyongyang, futhi amagama ayo atusa uKim njengomholi onakekelayo. Ividiyo yomculo ikhombisa abantu base-North Korea becula bencoma uthando lukaKim. Ingoma i-‘Friendly Father’ ithole ukubukwa okungaphezu kwezigidi ezimbili kuze kube manje.

E-Britain – Owesilisa wase-Britain oneminyaka engu-73 ubudala ushonile ngenxa yesifo senhliziyo okusolakala ukuthi sihlasele kulandela isiphithiphithi esikhulu kwindiza yase-London-Singapore, kwalimala inqwaba yabagibeli abaphonseke ophahleni kanye nasemakhabetheni. Indiza ye-Singapore Airlines i-SQ321 esuka e-Heathrow kudingeke ukuthi ifike endaweni ephuthumayo e-Thailand. Indiza isuke e-London ngoMsombuluko ebusuku, yaphambukela e-Bangkok, yahlala ngo-3.45pm ngesikhathi sendawo ngoLwesibili. Umshayeli wendiza umemezele isimo esiphuthumayo sezokwelapha ngenxa yesiyaluyalu esedlulele phezu kwe-Irrawaddy Basin ngamamitha angu-37,000 cishe amahora angu-10 ngemva kokuhamba.

Isithombe esingenhla: Amategi e-GPS avumela abaqaphi ukuthi baqaphe obhejane abamhlophe abasengozini yokushabalala e-Kenya.

Umthombo wesithombe: Stock

Izihloko zakamuva