URorisang Modiba ukulethela izindaba zansuku zonke ezivela emhlabeni wonke.
E-Rwanda – Kushone umuntu oyedwa kwalimala abaningi emhlanganweni wokhetho lukaMengameli wase-Rwanda uPaul Kagame. Lesi sigameko senzeke ngeSonto esifundeni sase-Rubavu ngesikhathi kukhankaselwa ukhetho lukaNtulikazi. Uhulumeni wendawo uthe bangu-37 abantu abalimele, abane basesibhedlela. UKagame uzongenela ihlandla lesine yize egxekwa ngendlela aphatha ngayo amaqembu aphikisayo. UKagame uzoqhudelana noFrank Habineza noPhilippe Mpayimana okhethweni lwangomhlaka-15 ngoNtulikazi.
E-Sudan – Inhloko ye-Unicef uCatherine Russell uthe i-Sudan ingenye yezindawo ezimbi kakhulu ezinganeni emhlabeni, njengoba iningi lihlushwa ukungondleki nokulova esikoleni. Uvakashele e-Sudan osekuphele isikhathi esingaphezu konyaka ecekelwe phansi yimpi yombango enonya. Ukunikezwa kokudla e-Sudan akuhambi ngendlela, futhi amasosha ase-Sudan kanye namavukelambuso e-Rapid Support Forces avimba ukulethwa kosizo.
E-Rome – Umculi odumile wase-Malian, uRokia Traoré uboshiwe ngesikhathi efika esikhumulweni sezindiza e-Rome ngenxa yokulahlwa yicala e-Belgium ngombangi welungelo lokuhlala nengane. UTraoré ubehlelelwe ukuthi anandise emcimbini e-Italy. Ngo-2020, waboshwa e-France nge-warrant yase-Belgium ngokunganikezi ingane yakhe kuyise. Ngemuva kokukhululwa ngaphansi kwemibandela ethile, wadelela umyalelo wokungahambi wabe esendizela e-Mali. NgoMfumfu, wagwetshwa iminyaka emibili engekho e-Belgium ngokuthumba. Indodakazi kaTraoré isihlale e-Mali kusukela ineminyaka emine ngaphandle kokuxhumana noyise. Uhulumeni wase-Mali wameseka. UTraoré ungumculi odumile futhi uyinxusa le-UN.
E-Israel – UNdunankulu uBenjamin Netanyahu uthe isigaba esishubile sokulwa ne-Hamas e-Gaza sesizophela, okuvumela amasosha akwa-Israel ukuthi agxile e-Hezbollah emngceleni osenyakatho. Engxoxweni yakhe yokuqala nabezindaba selokhu kwaqala impi ngoMfumfu, uNetanyahu uthe umsebenzi wase-Rafah uzophela maduze. Nokho impi yayizoqhubeka kuze kube yilapho i-Hamas ikhishwa ngokuphelele. Ukhulume ngengxabano ekhulayo ne-Hezbollah, elokhu ihlasela inyakatho yakwa-Israel iseka i-Hamas. UNetanyahu uzwakalise ukulungela isivumelwano sokukhulula abathunjiwe abangu-116 abasele, kodwa wagcizelela umgomo oqhubekayo wokucekela phansi i-Hamas.
Isithombe ngenhla:
Umthombo: