URorisang Modiba ukulethela izindaba ezifingqiwe zamawe zansuku zonke
E-Kenya – Kuqubuke imibhikisho ezingxenyeni ezithile zase-Kenya, kanti amakhulu abantu aboshwe ngamaphoyisa njengoba izakhamuzi zenqaba ukunyuswa kwentela obekuhleliwe ngenxa yokukhuphuka kwezindleko zokuphila. Bangu-283 abantu asebeboshiwe kusukela ngoLwesibili, ngokusho kwezinhlangano ezilwela amalungelo abantu. Uhulumeni umise ukunyuka kwentela ngenxa yalokho, okuhlanganisa intela yesinkwa engu-16%, intela engu-2.5% yezimoto, kanye nokukhushulwa kwemali ekhokhwayo yokudluliselwa kwemali ephathwayo. Inani lentela emikhiqizweni ofana namanabukeni nama-sanitary towel nalo lehlisiwe. Amavidiyo ezinkundleni zokuxhumana akhombise ababhikishi e-Mombasa bemasha emvuleni bephikisana nezintela ebezihleliwe.
E-Chad – Umlilo oqubuke endaweni yokugcina izinhlamvu zamasosha e-N’Djamena, e-Chad, udale uchungechunge lweziqhumane ngoLwesibili ebusuku, ngokusho kukaNgqongqoshe wezangaPhandle uKoulamallah Abderaman. Okungenani kushone oyedwa, kwalimala abanye abambalwa. Ofakazi babone abantu abalimele, ababili baphuthunyiswe esibhedlela. Abezindaba babelane ngezithombe zamagobolondo ezinhlamvu ezindlini, futhi isakhamuzi saqinisekisa ukushona komthengisi ngenxa yalokhu. Lokhu kuqhuma kwenzeke eduze kwesikhumulo sezindiza esikhulu samazwe ngamazwe e-Chad, sona esingathintekanga.
E-Melika– Imindeni yabagilwa bezingozi ezimbili ze-Boeing 737 Max ifuna ukushushiswa kanye nenhlawulo ka-$24.8-billion (R445-trillion). Ekubiza ngokuthi ubugebengu obubulala abantu abaningi kunabo bonke emlandweni waseMelika,” ummeli wabo, uPaul Cassell uthe le mali ifanelekile ngenxa yezindleko ezinkulu zabantu. Izingozi zango-2018 nango-2019 e-Indonesia nase-Ethiopia, ezabulala abantu abangu-346, zidalwe izinhlelo zokulawula izindiza ezinephutha. Isikhulu se-Boeing uDave Calhoun uxolisile ku-Congress wavuma amaphutha enkampani. UMnyango wezobuLungiswa ucabanga ukuvuselela icala lokukhwabanisa lika-2021 elibhekene ne-Boeing ngemuva kokwephulwa kwezokuphepha kwakamuva.
E-Vietnam – UMengameli wase-Vietnam uTo Lam kanye noMengameli wase-Russia uVladimir Putin bahlangane e-Hanoi ukuqinisa ubudlelwano. ULam uhalalisele uPutin ngokukhethwa kabusha, kuyilapho uPutin egcizelela ukuthi ukuthuthukiswa kokubambisana kwe-Russia ne-Vietnam kuyinto ehamba phambili. Ukuvakasha kukaPutin e-North Korea ngaphambi kokufika kwakhe e-Hanoi kugqamisa imizamo ye-Russia yokuxhumana esifundeni. I-US ikugxekile ukuvakasha, isola uPutin ngokuyisebenzisa ukuze athethelele izenzo zakhe e-Ukraine. Naphezu kokuthuthukisa ubudlelwano ne-Europe kanye ne-US, i-Vietnam iyabazisa ubudlelwano bayo obungokomlando ne-Russia, obusukela ekusekelweni kwe-Soviet ngeminyaka yango-1950. Namuhla umnotho wase-Vietnam udidiyelwe emhlabeni wonke, kanti i-Russia idlala indima njengozakwethu kwezohwebo kodwa isalokhu ibalulekile ekuhloleni amathuluzi ezempi nowoyela.
Isithombe esingenhla: UMengameli wase-Kenya uWilliam Ruto
Umthombo: Instagram