Ezenzeka emhlabeni jikelele: U-50 Cent uqhathanisa isigameko sokudutshulwa kukaTrump nesakhe 

URorisang Modiba ukulethela kafushane izindaba zansuku zonke zamazwe ngamazwe. 

E-Melika – Umrepha u-50 Cent ukhombise isithombe esilungisiwe sikaDonald Trump kukhava ye-albhamu yakhe ethi “Get Rich or Die Tryin’” ngesikhathi enandisa ngengoma ethi ”Many Men” ekhonsathini ebise-Boston. Lowo owayengumengameli usinde bezama ukumsoconga ngoMgqibelo embuthanweni obuse-Pennsylvania lapho kubulawe khona isikhulu sezicishamlilo.  Ingoma ethi “Many Men” ikhuluma ngesikhathi u-50 Cent bezama ukumbulala. Ngokushesha ngemva kokudutshulwa kukaTrump, lo mrepha ube esephenduka undabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana. Ungene ku-X ngoMgqibelo ebusuku, wabelana ngokuthi: “UTrump bazame ukumdubula, kodwa manje yimina osephenduke undabuzekwayo.” Umyalezo wakhe ubuhambisana nekhava elungisiwe ye-albhamu ethi “Get Rich or Die Tryin’” esabalale ezinkundleni zokuxhumana.

E-Nigeria – Kushone abantu abangu-21, kwathi abangu-30 bangeniswa esibhedlela ngemuva kokuwa kwebhilidi lesikole ngesikhathi kubhalwa izivivinyo e-Jos maphakathi ne-Nigeria, kwavaleleka abantu ababalelwa ku-120.  Ukubhidlika kwebhilidi kusolwa ukuthi kungenxa yokuntengantenga kwesakhiwo nendawo engaphephile elakhiwe kuyo eduze nosebe lomfula.  Uhulumeni ubize lesi sigameko “njengenhlekelele embi” wacela izikole ezinezinkinga ezifanayo zokuphepha ukuthi zivalwe.

E-Malaysia – Ithayiga efile yase-Malaysia eyatholwa e-Kelantan ngenyanga edlule iqubule imiboni yokuthi kuthathwe izinyathelo njengoba lolu hlobo lwesilwane lubhekene nalokho okubizwa ngokuthi “isimo esiphuthumayo sikazwelonke”.  Zingaphansi kuka-150 ezisele endle ngenxa yokulahlekelwa indawo yokuhlala, ukuzingelwa ngokungemthetho kanye nokuncipha kwezilwane ezidlayo yona. Abagcini bemvelo bakhulume ngesidingo semizamo emikhulu yokulondoloza lezi zilwane, okuhlanganisa ukuzigada ngendlela nobuchwepheshe bokuziqapha obuthuthukile.

E-Kenya – Kutholakale izidumbu eziyisithupha zabantu besifazane eseziqala ukonakala endaweni yenkwali yase-Nairobi, nokuholele emibhikishweni esiteshini samaphoyisa esiseduze. Izidumbu, ebezicwiywe kanzima futhi zigoqwe ngopulasitiki, ziveza ukuthi kungenzeka ukuthi babulawe umuntu oyedwa noma abantu abafanayo. Uphenyo lusaqhubeka, kanti inhlangano yamalungelo abantu i-Vocal Africa isola ukuthi kungase kutholakale ezinye izidumbu. Ukutholwa kwezidumbu kulandela imibhikisho emelene nohulumeni ethathe amasonto amaningi ehambisana nokushona kwabantu kanye nezinsolo zokuthunjwa ezenziwa umbutho wezokuvikela.

Esithombeni ngenhla: Isithombe esihleliwe sika-Donald Trump kukhava ye-albhamu ka50 Cent.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva