URorisang Modiba ukulethela izindaba zansuku zonke ezifingqiwe ezivela kumazwe ngamazwe.
E-China – Amashumi ezinkulungwane zabantu e-southern China bakhishiwe ngenxa yemvula enamandla edale izikhukhula nokubhidlika kwezindonga zabawudaka nokubisha. Kusukela ngomhlaka-9 kuNhlangulana, sekushone okungenani abantu abangu-13, kunezithombe ezisabisayo ezikhombisa izindawo zasemadolobheni zicwile emanzini nezakhiwo ziwohloka. Idolobha lase-Meizhou, esifundazweni sase-Guangdong, libike okungenani ukushona kwabantu abayisishiyagalolunye. I-Guangdong, isikhungo sezomnotho esinezakhamizi eziyizigidi ezingu-127, siba nezikhukhula zaminyaka yonke kusukela ngoMbasa kuya kuMandulo. Kodwa-ke, eminyakeni yakamuva nje kube neziphepho ezinamandla nezikhukhula ezinamandla ezibe zimbi kakhulu ngenxa yesimo sezulu esibucayi.
E-Kenya – Kuqubuke izingxabano ezinodlame phakathi kwamaphoyisa nababhikishi e-Nairobi, e-Kenya, ngoLwesine ngesikhathi amalunga ePhalamende edingida umthethosivivinywa osususe umsindo wezezimali. Amaphoyisa asebenzise isisi esikhalisa unyembezi nezibhamu zamanzi ukuhlakaza ababhikishi abebebhikishela ukunyuswa kwentela ngenxa yokunyuka kwezindleko zokuphila. Imigwaqo ezungeze iPhalamende ebelivaliwe, ivaliwe; intatheli ilinyazwe yisisi esikhalisa unyembezi. NgoLwesibili imibhikisho iqale ngokuphoqa uhulumeni ukuthi achibiyele umthethosivivinywa, okuhlanganisa nokumisa i-VAT ka-16% yesinkwa kanye nentela ka-2.5% yezimoto. Ababhikishi, kuhlanganise nentsha, bazwakalisa ukukhungatheka nokukhathazeka kwabo ngekusasa labo.
E-Canada – Umlingisi wase-Canada uDonald Sutherland, nobedume ngokulingisa emdlalweni i-‘The Hunger Games’ nethi ‘Don’t Look Now’, ushone eneminyaka engu-88 ubudala ngemuva kokugula isikhathi eside. Indodana yakhe, uKiefer Sutherland, umemezele ukudlula kwakhe emhlabeni echaza uyise njengomunye wabalingisi ababaluleke kakhulu emlandweni wefilimu. Umsebenzi u-Sutherland wathatha isikhathi esingaphezu kwesigamu sekhulu, ngamakhredithi acishe abe ngu-200. Kube namazwi enduduzo avela kozakwabo nabalandeli. URob Lowe umbize “ngomunye wabalingisi bethu abakhulu”, kanti uCary Elwes ezwakalisa ukuphatheka kabi kwakhe. UNdunankulu wase-Canada uJustin Trudeau kanye noMengameli wase-US uJoe Biden nabo bahloniphe uSutherland. Wazalelwa e-New Brunswick, uSutherland waqala umsebenzi wakhe wokuba yintatheli yezindaba zomsakazo ngaphambi kokufunda e-United States e-London Academy of Music and Dramatic Art. Wathola ukuqashelwa ngezindima ku-‘The Dirty Dozen’, i-‘Kelly’s Heroes’, kanye no-‘*M*A*S*H*’ Abalingisa abakanye naye uJane Fonda noHelen Mirren babelane ngamazwi enduduzo bakhumbula ngalokho abahlangabezane nakho kanye nobungani bakhe.
E-India – Igagasi lokushisa enhlokodolobha yase-India, i-Delhi, alibonisi zimpawu zokuncipha, kanti ubusuku bushisa ngendlela engathandeki. Umbiko weSikhungo sezeSayensi nezeMvelo usikhanyisele ngobucayi besimo, wembula ukuthi nakuba izindawo ezingaphandle kwedolobha zipholile ngo-12,2 degrees Celsius ebusuku, i-Delhi iphola kuphela ngo-8,5 degrees. Le heatwave ende iyinselele, ikakhulukazi kulabo abangenakho ukufinyelela ku-air conditioning, njengabashayeli borisho (rikshaws). Babhekene nokwehla kwabagibeli kanye nobunzima bokusebenza ngaphansi kwezimo ezimbi kangaka.