Ezenzeka emhlabeni jikelele: Kubulawe amasosha angu-50 ase-Russia e-Mali

URorisang Modiba ukulethela kafushane izindaba zansuku zonke ezenzeka kumazwe ngamazwe.


E-Mali – Uphiko lwezobunhloli e-Ukraine luthi lube nesandla ekusizeni amavukelambuso ahlasela ithimba lamasosha ase-Russia aphuma eqenjini i-Wagner ngasemngceleni wase-Algeria kwashona abaningi. Amavukelambuso ase-Tuareg kanye nabangaphansi kwe-al-Qaeda i-JNIM bathi babulale abantu base-Russia abangu-50 namasosha amaningi ase-Mali. Imithombo yase-Russia ibike ukuthi kubulawe abantu base-Russia abangu-80. Uhulumeni wase-Mali wacela usizo lwe-Russia ngo-2020 ukulwa namavukelambuso asenyakatho yezwe.

E-India – Ukubihlika komhlaba e-Kerala, eNdiya, sekubulale okungenani abantu abangu-43. Umisebenzi yokutakula iyaqhubeka. Ukubihlika kwenhlabathi kulimaze abantu ababalelwa ku-100 kwathinteka ababalelwa ku-1 000. Bangu-250 abantu asebehlengiwe, kodwa imvula enamandla, izihlahla eziwile kanye nemfucumfucu yenza kube nzima. Amasosha ezimpi asize izakhamuzi ezingu-250 ezisavaleleke ngemuva kokuwa kwebhuloho. Sezithunyelwe izindiza ezinophephela emhlane, kodwa isimo sezulu esibi kanye nokuphela kukagesi kubanga izinkinga ezengeziwe.

E-Greece – I-Greece ikuvimbele ukuhamba nokuhlatshwa kwezimbuzi nezimvu ezweni lonke ukulwa nokuqubuka “kwesifo sezimbuzi”. Igciwane le-PPR lingabulala kufike ku-70% wezilwane ezinegciwane. Izilwane ezingaba ngu-7,000 zibulewe e-Thessaly, kanti ezinye ezingu-1,200 zizobulawa maduze. UMnyango wezoLimo ulandela imigomo ye-EU ukumisa ukubhebhetheka kwalesi sifo.

E-Venezuela – Abantu base-Venezuela babhikishe ezweni lonke ngemuva kokhetho olunezingxabano, behilizisana namaphoyisa ngezinsolo zokukhwabanisa imiphumela yokhetho. Inhlangano yokhetho elawulwa nguhulumeni ithe uNicolás Maduro nguyena owinile, kodwa abaphikisayo bayakuchitha lokho. Intsha eningi yabalandeli bamaqembu aphikisayo ithe izolishiya izwe uma uMaduro eqhubeka nokubusa.

Isithombe esingenhla: Amavukela mbuso.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva