Ezenzeka emhlabeni jikelele kafushane: Abashadikazi bavaleleke ngenxa yodlame olusuke e-France

URorisang Modiba ukulethela izindaba zansuku zonke zamazwe omhlaba

E-New Caledonia – UMaxwell Winchester nonkosikazi wakhe bafike e-New Caledonia emasontweni amabili edlule, bebelungele ukuya eholidini lokuqala ngaphandle kwezingane zabo selokhu baba abazali. Kodwa-ke, izibhelu ezinodlame ziqubuke ngenxa yezinguquko zokhetho endaweni yase-France, zashiye abashadikazi base-Australia bedidekile. UMaxwell ubikele i-CNN ukuthi basamile ehhotela labo ngenxa yemibhikisho. Ukunikezwa kokudla nemithi kuhamba kancane, kanti nokuphuma kwabantu kumile ngenxa yokuvakasha kukaMengameli waseFrance u-Emmanuel Macron ngezingxoxo. Izindiza (commercial) zihoxisiwe futhi isikhumulo sezindiza esikhulu sivaliwe.

E-USA – UMnyango wezobuLungiswa wase-US (DoJ) ulungiselela ukuvula icala ngokumelene ne-Live Nation, inkampani eyasungula i-Ticketmaster. Ngokusho kwe-CBS News uhulumeni wobumbano, kanye nabameli-jikelele abambalwa bezifundazwe, bathi ukukhonya kwe-Live Nation emakhonsathini, ukuthengiswa kwamathikithi, kanye nobunikazi bendawo kucekele phansi ukuncintisana kwanciphisa ukukhetha kwamakhasimende, okuholela emananini aphezulu. Leli cala lilandela iminyaka yophenyo olwenziwa i-DoJ’s antitrust, eyaqala ukugxeka i-Live Nation kanye ne-Ticketmaster ngo-2022. NgoLwezi ka-2022, iwebhusayithi ye-Ticketmaster yaphazamiseka ngesikhathi sokuthengiswa kwangaphambili kwe-Taylor Swift’s Eras Tour, okwathukuthelisa abalandeli.

E-Mexico – Kushone abantu abayisishagalolunye kwathi obengenele ukhetho lukaMengameli ulaliswe isikhashana esibhedlela ngemuva kokuwa kwesiteji ngesikhathi kuvunguza umoya onamandla embuthanweni wokukhankasa e-Mexico ngoLwesithathu. Umuntu ongenele ukhetho uJorge Álvarez Máynez, ongalimalanga ubambe umcimbi e-San Pedro Garza García. UMbusi wase-Nuevo Leon uSamuel García ubike ukuthi kulimale abantu abangu-54. Kwabashonile bekukhona ingane encane, kanti abanye abalimele bayalulama, abanye bayahlinzwa. U-Álvarez Máynez umise umkhankaso wakhe ukuze ahlale futhi asekele abalimele.

E-Singapore – Konke kuvele kwashuba kusho umgibeli obegibele indiza yase-Singapore Airlines ehlangabezane nembibizane ngoLwesibili. Indiza ye-Boeing, ethwele abantu abangu-229, ibisuka e-London iya eSingapore ngesikhathi yehla kakhulu futhi ikhuphuka izikhathi eziningi phakathi nomzuzu. Umgibeli u-Andrew Davies obelibangise e-New Zealand ngebhizinisi, uthe indiza ibihamba kahle kwase kwaba nenkinga isingena cishe kumahora ayisishiyagalolunye. Abagibeli abaningi babedla isidlo sasekuseni ngesikhathi kungena uphawu lwebhande. UDavies obesanda kubopha ibhande, uchaze ngokuthi ubone izicathulo nezinye izinto egunjini zindiza phezulu.

Isithombe esingenhla: I-New Caledonia.

Umthombo wesithombe: Stock

Izihloko zakamuva