Ezenzeka emhlabeni jikelele: Inkulumo-impikiswano phakathi kukaBiden noTrump 

URorisang Modiba uletha ezakamuva zansuku zonke ezamazwe ngamazwe.

E-Melika – Ukuntengantenga nokukhubeka kukaJoe Biden ngesikhathi kuqhubeka inkulumo-mpikiswano yokuqala kamabonakude okhethweni lobuMengameli lwango-2024, kukhathaze ama-Democrat amaningi, yize iPhini likaMengameli uKamala Harris emvikelile wathi ukhulume kahle. UTrump, imbangi yakhe oyi-Republican uhlasele amarekhodi enqubomgomo kaBiden yezomnotho nezangaphandle, kanti uBiden uveze ukugwetshwa kukaTrump kwakamuva e-New York kanye nokugxambukela okhethweni lwango-2020. Inkulumo-mpikiswano iye yashuba ngesikhathi uBiden ehlambalaza uTrump nokuyinto eholele ekutheni omphikisayo aphendule ngentukuthelo.

E-Peru – Ukuzamazama komhlaba okunamandla okungu-7.2-magnitude kugasele eduze kwase-Atiquipa, eningizimu ye-Peru, amakhilomitha angu-600 eningizimu ye-Lima. Ukuzamazama komhlaba okwenzeke endaweni engamakhilomitha angu-28 ngaphansi komhlaba, kubangele ukuthuka okukhulu kwezakhamuzi. Izithombe ze-CCTV zithwebule ukuzamazama kwe-Caraveli kanye nemibiko yokuzamazama okuze kwafika e-Lima. Akubikwanga ukuthi kushone abantu, kodwa uhulumeni uhlola umonakalo kwingqalasizinda. Isixwayiso se-tsunami siye sathunyelwa kodwa kamuva sahoxiswa.

E-Kenya – Imibhikisho isisabalele kulo lonke elase-Kenya yize uMengameli uWilliam Ruto ehoxise umthethosivivinywa wezezimali obungundabamlonyeni. Ababhikishi abayingxenye ye-“One Million People March,” baqale imibhikisho e-Nairobi futhi basabisa ngokuyohlala eNdlini yoMbuso. Imibhikisho, edalwe ukumba eqolo kwezindleko zempilo kanye nodlame lombuso, ifuna ukuthi uRuto ehle esikhundleni kuphinde kwenziwe ubulungiswa kubantu abangaphezu kuka-23 ababulewe ngesikhathi bexabana neziphathimandla. Izinhlangano zomphakathi zifuna kukhishwe izikhulu eziphezulu zamaphoyisa ezisolwa ngokudubula ababhikishi. Ukuba khona kwamaphoyisa aqinile nezivimbamgwaqo kunciphise isibalo sequlu lababhikishi. 

E-Mali – INkantolo yoBugebengu yaMazwe ngaMazwe igwebe u-Al Hassan Ag Abdoul Aziz Ag Mohamed Ag Mahmoud ngamacala abhekiswe kubantu kanye namacala empi e-Timbuktu. U-Al Hassan, oxhumene ne-al Qaeda kanye neqembu lama-Islamist, i-Ansar Dine wenze amacala phakathi kukaMbasa ngo-2012 noNhlaba ngo-2013. Walahlwa yicala lokuhlukumeza nokudicilela phansi isithunzi, kanti amacala ahlobene nokudlwengula ahoxiswa ngenxa yobufakazi obunganele. Ukuqulwa kwecala kubandakanya abagilwa abangu-2 196, ukuqulwa kwamacala angu-195, amaphepha angu-7 896 kanye nobufakazi obungu-13 275. U-Al Hassan usagqunywe esitokisini njengoba kusalindwe isigwebo kanti angakwazi ukudlulisa icala ezinsukwini ezingu-30.

E-India – Ingxenye yophahla esikhumulweni sezindiza i-Indira Gandhi International Airport e-New Delhi idilikile ngemuva kwemvula enamandla. Ukubhidlika kwenzeke ngehora lesihlanu ekuseni endaweni engaphambili yokusuka ku-Terminal 1, nokuyinto eholele ekumisweni kwemisebenzi kusuka ku-Terminal 1. I-Delhi Fire Services ibike ukuthi izinsika ezimbili ezesekayo ziwele emotweni, kwashona indoda ebingaphakathi kwathi abayisishiyagalombili balimala. Abatakuli bakhiphe isidumbu sayo le ndoda base behambisa abalimele esibhedlela. Izithombe zibonisa uphahla lwasesikhumulweni olugobile lufahlaza izimoto eziningi.

Esithombeni esingenhla: UJoe Biden noDonald Trump.

Umthombo wesithombe: Instagram

Izihloko zakamuva