Ezenzeka emhlabeni jikelele: I-White House igxeka amavidiyo kaBiden enziwe (edited)

URorisang Modiba ukulethela izindaba zansuku zonke emhlabeni.

E-Melika– I-White House isole abagxeki ngokukhetha amavidiyo enziwe (edited) emkhankasweni wokungabaza isimo sengqondo sikaMengameli uJoe Biden. Esehlakalweni sakamuva, abaphikisi bakaBiden bathi kudengeke  owayenguMengameli uBarack Obama ukuthi amkhiphe esiteji emcimbini wokuqongelela imali ngempelasonto ngoba ekhombia ukudideka kwengqondo. Ividiyo kaBiden exebuka kwabanye abaholi bomhlaba kwi-G 7 ngoLwesine e-Italy, ibhekwe kabanzi, nabagxeki bakaBiden bethi ubukeka njengomuntu ozithwele futhi obandayo, yize esinge isiqephu sevidiyo simkhombisa ehamba eyokhuluma nabanye abantu. Usimo ngokwengqondo kukaBiden (81) kanye nembangi yakhe uDonald Trump (78) kusekuphenduke yonanto okugxilwe kuyo njengoba kulungiselelwa ukhetho lwangoLwezi. 

E-Malawi – Kushone abantu abane, okuhlanganisa nowesifazane obezithwele kwathi abanye abangu-12 balimala ngesikhathi imoto iphaphalaza ivika izimoto ebezilandelana ziphelezela imoto ethwele isidumbu sobeyisekela-Mengameli wase-Malawi uSaulos Chilima yashayisa abebezilile. Lesi sigameko senzeke ngeSonto ebusuku kulandela izingxabano phakathi kwezakhamuzi, amaphoyisa namasosha abephelezela abangcwabi besuka enhlokodolobha beya emzini kaChilima ukuyongcwatshwa. Isimo besishubile njengoba abanye abebekhala bejikijela izimoto zikahulumeni ngamatshe. UChilima ushone engozini yendiza ngesonto eledlule wangcwatshwa ngoMsombuluko.

E-China – Abaholi be-G7 baxwayise i-China ngokusiza i-Russia ngempi yayo yase-Ukraine ngokweseka imboni yezokuvikela yase-Russia. Ekupheleni kwengqungquthela ye-G7 e-Italy, batshele i-China ukuthi iyeke ukuhlinzeka ngezinto ezingasetshenziselwa izinhloso ezimbi nezempi e-Russia. Baphinde basabisa ngokuthi bazokwengeza unswinyo ezinkampanini zase-China ezisiza amasosha ase-Russia. I-US isola i-China ngokunikeza ama-semiconductors i-Russia, izinto zokwakha, namathuluzi nemishini edingekayo ekukhiqizeni imishini yezempi.

E-Russia – UMengameli uVladimir Putin uya e-Pyongyang, e-North Korea, ukuyohlangana nomholi uKim Jong Un. Ukuvakasha kukaPutin okokuqala e-Pyongyang kusukela ngo-2000, ngemuva komhlangano wabo wokugcina e-Vladivostok, e-Russia ngoMandulo. I-US ne-South Korea basole i-North Korea ngokuhlinzeka i-Russia ngezikhali nemishini ukuze ithole ukudla nosizo lwezempi. Womabili la mazwe ayasiphika isivumelwano sezikhali ayesolwa ngaso ngonyaka odlule kodwa athembisa ukuthi azothuthukisa ukubambisana kwezempi. Ebhekene nokuhlukaniswa ne-West ngemuva kokuhlasela kwe-Ukraine, uPutin ufuna imifelandawonye emisha, kanti i-North Korea ingenye yezindawo zakhe azoya kuzo ngaphambi kokuvakashela e-Vietnam ukuzoxoxa ngezohwebo nezinye izindaba.

Isithombe esingenhla: UBarack Obama, umlingisi uJack Black noJoe Biden.

Umthombo: Instagram

Izihloko zakamuva