Ezenzeka emhlabeni jikelele: Amaphoyisa asevimbe imibhikisho e-Kenya

URorisang Modiba ukulethela kafushane izindaba zamazwe ngamazwe zansuku zonke.

E-Kenya – Amaphoyisa avimbe imibhikisho e-Nairobi, e-Kenya ngoba besingekho isiqiniseko sokuthi le mibuthano ibizoba nokuthula. Ukuvinjelwa, okuqalwe ngoLwesine, kwenzeke ngaphambi kombhikisho obuhlelelwe ukuthi uMengameli uWilliam Ruto ehle esikhundleni ngenxa yokungaphathi kahle. Ibamba lomhloli wamaPhoyisa uGeneral Douglas Kanja uthe kunzima ukuqinisa ezokuphepha ngaphandle kobuholi obufanele. Lokhu kulandela inyanga yonke yemibhikisho ephikisana nomthethosivivinywa wezezimali ophakamisa intela ephakeme ngesikhathi sobunzima bezindleko zokuphila ezweni. Le mibhikisho iholele ekutheni kuphangwe impahla, kushiswe, kanye nokufa cishe kwabantu abangu-50 kusukela ngomhlaka-18 kuNhlangulana. UMengameli uRuto uthembise ukuthi ngeke awusayine lo mthethosivivinywa futhi muva nje uxoshe cishe yonke iKhabhinethi yakhe kanye nommeli-jikelele.

E-Dubai – USheikha Mahra bint Mohammed bin Rashid Al Maktoum, indodakazi yenkosi yase-Dubai, ucele isehlukaniso nomyeni wakhe, uSheikh Mana bin Mohammed bin Rashid bin Mana Al Maktoum ku-Instagram. “Myeni Othandekayo, njengoba umatasa nabanye, ngalokhu ngimemezela isehlukaniso sethu,” wabhala futhi wanezela: “Ngifaka isehlukaniso futhi ngicela uzinakekele. Owayengunkosikazi wakho.” Lezi zithandani zathembisana umshado ngoNdasa nyakenye zashada ngoNhlaba ka-2023. Isimemezelo sesehlukaniso siza ngemuva kwezinyanga ezimbili izelwe indodakazi yabo.

E-Germany – I-Germany ihlela ukunciphisa usizo lwayo lwezempi oluya e-Ukraine elisuka ku-€8-billion (R159-billion) ngo-2024 liye ku-€4-billion (R79-billion) ngo-2025. Lokhu kuza ngemuva kokukhathazeka kokuthi uTrump angaba nguMengameli futhi. I-Germany ilindele ukuthi i-Ukraine ithembele ku-$50-billion (R916-billion) wemalimboleko yezimpahla zase-Russia. UNgqongqoshe wezeziMali wase-Germany uChristian Lindner uthe uxhaso lwase-Ukraine luvikelekile okwamanje. Lesi sinqumo sihlose ukulungiselela izinguquko ezingaba khona kunqubomgomo yase-US ngaphansi kukaTrump. UTrump ugxeke ababambisene ne-NATO.

E-China – Umlilo oqubuke enxanxatheleni yezitolo enezitezi ezingu-14 e-Zigong, esifundazweni sase-Sichuan, ubulale abantu abangu-16 ngoLwesithathu. Izithombe ezimangalisayo zibonisa intuthu emnyama ivela esakhiweni. Babalelwa ku-300 abasebenzi bezimo eziphuthumayo abahlenge abantu cishe abangu-30. Uphenyo lwangaphambili luveza ukuthi umsebenzi wokwakha odale umlilo. UMnyango wezokuPhathwa kweZimo Eziphuthumayo wase-China ucele uphenyo olusheshayo kanye nezinyathelo ezingcono zokuphepha. Imililo, ngenxa yezinga eliphansi lokuphepha, ivamile e-China ngezigameko zakamuva. Umlilo owaqubuka ngoMasingana wabulala abantu abangu-39 kwathi omunye osenkabeni yesifundazwe e-Henan wabulala izingane ezingu-13.

Isithombe esingenhla: Amaphoyisa ase-Kenya.

Umthombo: X/Cops Kenya

Izihloko zakamuva