Ezenzeka emhlabeni: Ividiyo kaTrump ethi ‘Unified Reich’ ihambisana nezinkulumo zikaHitler

URorisang Modiba ukulethela izindaba zansuku zonke zamazwe omhlaba

EMelika- Ilungu lethimba lomkhankaso wowayenguMengameli uDonald Trump lithumele ividiyo ezinkundleni zokuxhumana, kule vidiyo basebenzisa ulimi olufana nolwama-Nazi eGermany ngokuphakamisa i-Unified Reich uma uTrump ewina ukhetho lwango-2024. Le vidiyo ihlanganisa izihloko zezindaba eziqagelayo ezibikezela ukukhula komnotho, ukuncishiswa kwentela, ukukhushulwa kwezokuphepha emngceleni, kanye nokudingiswa kwabantu bakwamanye amazwe abangenazo izincwadi ngaphansi kwe-Unified Reich ngemuva kokunqoba kukaTrump. Umkhankaso kaTrump uthi bekungeyona ividiyo yomkhankaso esemthethweni kodwa ithunyelwe yisisebenzi esingazange siwabone amaphutha. Umkhankaso weBiden-Harris 2024 uyigxekile le vidiyo wasola uTrump ngokulingisa “uMein Kampf” (i-manifesto yango-1925 yomholi weqembu lama-Nazi u-Adolf Hitler) futhi waxwayisa ngokuthi uhlose ukubusa njengondlovukayiphikiswa.

E-Mumbai – Phakathi nokhetho oluthatha isonto lonke e-India, osaziwayo nosopolitiki bavote e-Mumbai. UNdunankulu uNarendra Modi ufuna elinye ihlandla leminyaka emihlanu. I-Mumbai eyaziwa njengendawo okwazalelwa kuyo i-Bollywood, osaziwayo abaningi okuhlanganisa uShah Rukh Khan kanye no-Amitabh Bachchan, babonakale bevota bekhombisa iminwe yabo eno-ink njengobufakazi. UShah Rukh Khan, nomndeni wakhe bakhulume ezinkundleni zokuxhumana ngokubaluleka kokuvota. Abanye osaziwayo abafana noDeepika Padukone, uRanveer Singh, nosozigidigidi uMukesh Ambani nabo bavotile.

E-Israel – Abasebenzi bezokwelapha kwa-Israel batshele i-BBC ukuthi iziboshwa zase-Palestine ezisuka e-Gaza zivame ukuboshelwa emibhedeni yasesibhedlela, zivalwe amehlo, kwesinye isikhathi zibenqunu, futhi ziphoqwe ukuthi zifake amanabukeni. Izinqubo zezokwelapha zivame ukwenziwa, ngaphandle kwamaphilisi ezinhlungu. Iziguli ezigula kakhulu ezikhungweni zempi zinqatshelwa ukwelashwa okufanele ngenxa yokungathandi kwezibhedlela zikahulumeni. Isiboshwa esisodwa kudingeke ukuthi sinqunywe umlenze ngemuva kokunqatshelwa ukwelashwa. Isosha lwakwa-Israel lithi iziboshwa ziphathwa ngendlela efanele nezithiyo ezisetshenziswa ngokuya ngezidingo zokuphepha.

E-Iran – Imicimbi yomngcwabo kaMengameli wase-Iran ongasekho u-Ebrahim Raisi izoqala ngoLwesibili kulandela ukushona kwakhe engozini yendiza enophephela emhlane. Le ngozi eyenzeke ngaphansi kwesimo sezulu esinenkungu ngeSonto ekuseni iphinde yadlula nemiphefumulo yezinye izikhulu eziphezulu, okuhlanganisa noNgqongqoshe wezangaphandle wase-Iran. I-Iran ihlele izinsuku eziningi zokulila kuyoze kube umngcwabo kaRaisi obeneminyaka engu-63 ubudala, owake wathathwa njengomuntu ongangena esikhundleni somholi ophakeme u-Ayatollah Khamenei.

Isithombe esingenhla: UDonald Trump.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva